Inqubomgomo Yemfihlo
Imininingwane esiyithathayo
Siyisebenzisa kanjani imininingwane esiyiqoqayo
Ukuba sobala kanye nokukhetha
Imininingwane owabelana ngayo
Ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane yakho
Imininingwane esabelana ngayo
Ukuphepha kolwazi
Uma le Nqubomgomo Yemfihlo insebenza
Ukuhambisana nokubambisana neziphathimandla zokulawula
Izinguquko
Izinqubo eziqondene nomkhiqizo
Eminye imisebenzi elusizo ehlobene nemfihlo nokuvikela
Kugcine ukubuyekezwa 31 Mashi 2014 (buka izinhlobo ezilondoloziwe)
Ziningi izindlela ongasebenzisa ngazo izinhlelo zethu – ukucinga kanye nokwabelana ngolwazi, ukuxhumana nabanye abantu noma ukwenza izinto ezintsha. Uma wabelana ngolwazi nathi, isibonelo ngokwakha i-akhawunti yakwa-Googlesingenza lezo zinhlelo zibe ngcono – ukukukhombisa imiphumela yokucinga ehambisana kangcono nokucingayo kanye nezikhangiso, ukukusiza uxhumane nabantu noma ukwenza ukwabelana nabantu kusheshe futhi kube lula. Njengoba usebenzisa izinhlelo zethu, sifuna ukuthi ucacelwe ukuthi silusebenzisa kanjani ulwazi nanokuthi ungabuvikela kanjani ubumfihlo bakho.
Inqubomgomo yethu Yobumfihlo iyachaza:
- Sithatha hloboni lwemininingwane nanokuthi siyithathelani.
- Siyisebenzisa kanjani leyo mininingwane
- Ungakukhetha esikunikeza khona, okubandakanya ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane.
Sizamile ukukugcina kulula ngangokunokwenzeka, kodwa uma ungajwayelene namagama afana nathi amakhukhi, amakheli asesizindeni se-intanethi, omaka bephikiseli neziphequluli, funda mayelana nalawa magama ayinhloko kuqala. Ubumfihlo bakho bubalulekile ku-Google ngakho-ke ngisho noma umusha ku-Google noma ungumsebenzisi wesikhathi eside, uyacelwa ukuthi uthathe isikhathi sokuthi wazi ngokuziphatha kwethu - futhi uma unanoma yimiphi imibuzo xhumana naleli khasi.
Imininingwane esiyithathayo
Sithatha imininingwane ukuze sihlinzeke izinhlelo ezingcono kubo bonke abasebenzisi bethu – njengokuthola izinto ezisobala njengokuthi iluphi ulimu olukhulumayo, kuya kwezijulile ezifana nokuthi yiziphi izikhangiso ozithola ziwusizo ikakhulu noma abantu ababaluleke kakhulu kuwena emoyeni.
Sithatha imininingwane ngezindlela ezimbili:
-
Imininingwane osinikeza yona Isibonelo, iningi lezinhlelo zethu zidinga ukuthi ubhalisele i-akhawunti yakwa-Google. Uma wenza lokho, siyokucela imininingwane eqondene nawenjenge gama lakho, ikheli le-imeyini, inombolo yocingo noma ikhadi lesikweleti. Uma ufuna ukuzitika ngokugcwele ngento yokwabelana esiyihlinzekayo, kungenzeka sikucele wenze iphrofayela ye-Google ebonakala emphakathiniengabandakanya igama nesithombe sakho. Imininingwane esiyitholayo ngokusetshenziswa kohlelo lwethu Singaqoqa imininingwane mayelana nohlelo olusebenzisayo nokuthi ulusebenzisa kanjani njengoba uma uvakashela iwebusayithi esebenzisa ukukhangisa kwethu noma ubheka uphinde uxhumane nezikhangisi zethu kanye nokuqukethwe. Lemininingwane ibandakanya:
-
Ulwazi esiluthola ngokusebenzisa kwakho amasevisi wethu. Singase siqoqe ulwazi olumayelana namasevisi owasebenzisayo nendlela owasebenzisa ngayo, njengalapho uvakashela iwebhusayithi esebenzisa amasevisi wethu okukhangisa noma ubuka futhi usebenzisa kahle izikhangiso zethu nokuqukethwe. Lolu lwazi lufaka phakathi:
-
Singase siqoqe ulwazi oluthize lwedivayisi, (njengemodeli yezingxenyekazi zekhompyutha, inguqulo yesistimu yokusebenza, okokuhlonza idivayisi okwehlukile, nolwazi lenethiwekhi yeselula). I-Google ingase ihlobanise izihlonzi zedivayisi zakho noma inombolo yefoni nge-akhawunti yakho ye-Google.
-
Imininingwane yokungena
Uma usebenzisa uhlelo lwethu noma ubheka okuqukethwe okuhlinzekwe u-Google, kungenzeka siqoqe siphinde sigcine iminingwane ethizekokokungena kwi-server Lokhu kungabandakanya:
- imininingwane yokuthi uyisebenzise kanjani idivayisi yethu, njengezicelo zakho zokucinga,
- imininingwane yezocingo njengenombolo yakho yocingo, ukushayelwa kwezinye izinombolo, ukudlulisa izinombolo, isikhathi nosuku locingo, ubude bocingo, imininingwane ngokudluliswa kwe-SMS kanye nohlobo locingo.
- ikheli lenqubo ye-inthanethi.
- imininingwane yezehlakalo zedivayisi njengokufa, okwenziwa kwisistimu, izisetho ze-hardware, uhlobo lwesiphequluli, ulimu lwesiphequluli, usuku kanye nesikhathi sesicelo sakho kanye nokubalulwa kwe-URL,
- ama-coockie angahlonza isiphequluli sakho ngokukhethekile noma i-akhawunti yakho yakwa-Google.
-
Imininingwane yendawo
Uma usebenzisa uhlelo le-Google olusebenzisa indawo, kungenzeka siqoqe siphinde sicubungule ulwazi mayelana nendawo yakho okuyona njengezimpawu ze-GPS ezithunyelwa idivayisi ephathwayo. Kungenzeka sisebenzise ubuchwepheshe obehlukene ukuhlonza indawo, kungaba izinto ezifana nokokuzwa idatha edivayisini yakho okungenzeka mhlawumbe kuhlinzeke imininingwane ngokufinyelela kwi-Wi-Fi kanye nemibhoshongo yezingcingo eseduze.
-
Izinombolo zensiza ezikhethekile
Ezinye izinhlelo zibandakanya inombolo yensiza ekhethekile. Le nombolo kanye nemininingwane ngokufaka (isibonelo, uhlobo lohlelo lokusebenza kanye nenombolo yohlobo lwensiza) kungathunyelwa ku-Google uma ufaka noma ukhipha lolo hlelo noma uma lolo hlelo luxhumana nohlelo lwethu ezikhathini ezithize njengokubuyekezwa okuzenzekalayo.
-
Ukulondoloza kwaseduze
Kungenzeka sikuqoqe futh sigcina ulwazi (okubandakanya ulwazi lomuntu siqu) eduzane nedivayisi yakho sisebenzisa izinto ezifana nesitoreji sewebhu sesiphequluli (kubandakanya i-HTML 5) kanye nezilondolozi zezinhlelo zokusebenza zedatha.
-
Ama-cookie kanye nabahlonzi abangaziwa
Thina nozakwethu bethu sisebenzisa ubuchwepheshe obehlukene ukuqoqa kanye nokugcina ulwazi uma uvakashela isevisi ye-Google, kanti lokhu kungafaka ukuthumela ikhukhi elilodwa noma amaningi noma izihlonzi ezingaziwa kudivayisi yakho. Siphinde futhi sisebenzise amakhukhi nezihlonzi ezingaziwa uma usebenzisana namasevisi esiwanikeza ozakwethu, njengamasevisi okukhangisa noma izici ze-Google ezingase zivele okwamanye amasayithi
-
Siyisebenzisa kanjani imininingwane esiyiqoqayo
Sisebenzisa ulwazi esiluqoqa kusuka kuwo wonke amasevisi wethu ukuze sihlinzeke, sinakekele, sivikele futhi siwathuthukise, ukuze sidale amasha, futhi nokuvikela i-Google nabasebenzisi bethu. Siphinde sisebenzise lemininingwane ukuhlinzeka ngokuqukethwe okwakhelwe wena - njengokukunikeza imiphumela yokusesha kanye nezikhangiso ezihambelana osesho lwakho.
Singaphinde futhi sisebenzise igama olihlinzekayo ephrofayelini yakho yakwa-Google kuzo zonke izinhlelo esizihlinzekayo ezidinga i-akhawunti yakwa-Google. Ngaphezulu kwalokho, singaguqula amagama adlule ahlobene ne-akhawunti yakho yakwa-Google ukuze wethuleke ngokufanele kuzo zonke izinhlelo zethu. Uma abanye abantu sebevele bene-imeyili yakho, noma eminye imininingwane ekuhlonzayo, ungabakhombisa imininingwane yakho yephrofayela yakwa-Google evela emphakathini njenge gama kanye nesithombe sakho.
Uma uxhumana no-Google, kungenzeka sigcine imininingwane yokuxhumana nawe ukusiza ukuxazulula inkinga okungenzeka ukuthi ubhekene nayo. Kungenzeka sisebenzise ikheli lakho le-imeyili ukukwazisa mayelana nezinhlelo zethu njengokukwazisa ngezinguquko noma ukuthuthuka okuzayo.
Sisebenzisa ulwazi oluqoqwe kusuka kumakhukhi nobunye ubuchwepheshe, njengomaka be-pixel, ukuthuthukisa ulwazi olunzulu lomsebenzisi nekhwalithi isiyonke yamasevisi wethu. Ngokwesibonelo, ngokulondoloza ulimu oluncamelayo, sizokwazi ukwenza ukuthi amasevisi wethu avele ngolimu oluncamelayo. Uma sikukhombisa izikhangiso ezenziwe zafanela wena, ngeke sihlobanise ikhukhi noma isihlonzi esingaziwa nemikhakha ezwelayo, njengaleyo encike ebuhlangeni, inkolo, ukukhetha olala nabo noma impilo.
Kungenzeka sihlanganise ulwazi lomuntu siqu kusuka kwenye isevisi, okubandakanya iminingwane yabantu, kusuka kwamanye amasevisi e-Google - isibonelo ukuze kubelula ukwabelana izinto nabantu obaziyo. Ngeke sihlanganise imininingwane yekhukhi ye-DoubleCick kanye nemininingwane yomuntu ehlonzekayo ngaphandle uma uvumile.
Sizoyicela imvume yakho ngaphambili kokusebenzisa imininingwane ngenhloso engafani naleyo ebekwe Emgomeni Wobumfihlo.
U-Google usebenzasebenzisa imininingwane yomuntu kwi-server yethu emazweni amaningi emhlabeni wonke. Singakwazi ukusebenzisa imininingwane yabantu kwi-server engaphandle kwezwe lapho uhlala khona
Ukuba sobala kanye nokukhetha
Abantu bakhathazwa izinto ezehlukene mayelana nobumfihlo Isifiso sethu ukuthi sicacise ukuthi hlobo luni lwemininingwane esiyiqoqayo ukuze ukwazi ukukhetha kahle ukuthi isetshenziswe kanjani. Isibonelo ungakwazi ukuthi:
- Ukubuyekeza uphinde ulawule uhlobo oluthile lwemininingwane ehlobene ne-akhawunti yakho ngokusebenzisa i-Google Dashboard.
- Buka uphinde uhlele okuncamelayo mayelana nezikhangiso oboniswa zona ku-Google nakuyo yonke iwebhu, njengokuthi yiziphi izigaba onentshisekelo kuzo, usebenzisa izilungiselelo zezikhangiso. Ungaphinda ukhethe ukuphuma kumasevisi wokukhangisa we-Google lapha.
- Sebenzisa okokuhlela kwethu ukubuka uphinde ulungise ukuthi iphrofayela yakho yakwa-Google ibonakala kanjani kubantu abathize.
- Lawula ukuthi wabelana nobani ngemininingwane yakho.
- Khipha imininingwane eningini lezinhlelo zethu.
Ungakwazi futhi ukusetha isiphequluli sakho ukuthi sivimbele wonke amakhukhi, okufaka phakathi amakhukhi ahlobene namasevisi wethu, noma ukubonisa lapho ikhukhi isethwe yithi. Yize kunjalo, kubalulekile ukukhumbula ukuthi iningi lezinhlelo zethu kungenzeka zingasebenzi kahle uma amakhukhi wakho akhutshaziwe. Izibonelo, kungenzeka singalukhumbuli ulimu oluncamelayo.
Imininingwane owabelana ngayo
Iningi lezinhlelo zethu livumela ukuthi wabelane ngemininingwane nabanye. Khumbula ukuthi uma wabelana ngemininingwane esidlangalaleni, ingabonakala ezinjinini zokucinga, kubandakanya u-Google. Amasevisi wethu akunikeza izinketho ezahlukene ekwabelaneni futhi nokususa okuqukethwe kwakho.
Ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane yakho
Noma yinini lapho usebenzisa amasevisi wethu, sihlose ukukunikeza ukufinyelela kulwazi lwakho lomuntu siqu. Uma leyo mininingwane ingalungile, senza imizamo yokukunikeza izindlela zokuyibuyekeza ngokushesha noma uyisuse - ngaphandle uma kudingeka ukuthi silondoloze leyo mininingwane ngenxa yezizathu zebhizinisi ezigunyaziwe noma ngenxa yezizathu zezomthetho. Lapho ubuyekeza ulwazi lwakho lomuntu siqu, singase sikucele ukuthi uqinisekise ubuwena ngaphambi kokuthi sithathe isinyathelo ngesicelo sakho.
Singase senqabe izicelo eziphindaphindiwe ngokungaphusile, ezidinga umzamo wobuchwepheshe ongalingani (ngokwesibonelo, ukuthuthukisa isistimu entsha noma ukushintsha ngokuyinhloko umkhuba osuvele ukhona), ezibeka engozini okobumfihlo kwabanye abantu, noma ezingase zingenzeki (ngokwesibonelo, izicelo ezimayelana nolwazi lokutholakala kwamasistimu okwenza isipele).
Lapho khona singahlinzeka imininingwane ukufinyielela kanye nokulungisa, sizokwenza lokho mahhala, ngaphandle uma kudinga umzamo omkhulu ngokweqile. Sizimisele ukugcina uhlelo lwethu ngendlela evikela imininingwane ekulimaleni okwenzeke ngephutha noma ngamabomu. Ngenxa yalokhu, emva kokuba usususe imininingwane ohlelweni lwethu, ngeke sikwazi ukususa ngokushesha amakhophi asalile kuma-server ethu asebenzayo kanti ngeke sisuse imininingwane ezinhlelweni zethu zokugcina izipele.
Imininingwane esabelana ngayo
Asabelani ngolwazi lomuntu siqu nezinkampani, izinhlangano kanye nabantu abangaphandle kwe-Google ngaphandle uma kungaphansi kwalezi zimo:
-
Kube nemvume
Siyokwabelana ngemininingwane yabantu nezinkampani, izinhlangano noma abantu abangaphandle kwaka-Google uma sivunyelwe uwena ukuthi senze njalo. Sidinga ukuvuma ukungena ukuze kwabelanwe nganoma imiphi imininingwane yomuntu ebucayi
-
Nabalawuli bedomeyini
Uma i-akhawunti yakho yakwa-Google yenganyelwe uwe ngomlawuli wedomeyini(isibonelo, kubasebenzi Bezinsiza ze-Google) umlawuli wedomeyini yakho nabadayisi abahlinzeka ukwesekwa komsebenzisi enhlanganweni yakho bayokwazi ukufinyelela emininingwaneni ye-akhawunti yakho ywakwa-Google (okubandakanya i-imeyili yakho kanye neminye imininingwane). Umlawuli wedomeyini yakho angakwazi:
- ukubheka iminingwane yezinombolo eqondene ne-akhawunti yakho, njengemininingwane emayelana nezinsiza ozifakayo.
- ukuguqula iphasiwedi ye-akhawunti yakho.
- ukumisa okwesikhashana noma avale ukufinyelela kwakho e-akhawuntini yakho.
- ukufinyelela noma ukugcina imininingwane elondolozwe njenge ngxenye ye-akhawunti yakho,
- ukuthola ulwazi le-akhawunti yakho ukuze kugculise imithetho efanele, imigomo, inqubo zomthetho noma izicelo zokuphatha ezingaphumelela.
- nganda ukukwazi kwakho ukususa noma ukulungisa imininingwane noma izisetho zobumfihlo.
Uyacelwa ukuthi ubheke umgomo wobumfihlo womlawuli wedomayini yakho ukuthola eminye imininingwane.
-
Ukuze kusebenzeke ngaphandle
Sinikeza ulwazi lomuntu siqu kumanxusa wethu noma amanye amabhizinisi athembekile noma abantu ukuze basicubungulele lona, ngokuya ngemiyalo yethu futhi ngokuhambisana Nomgomo wethu Wobumfihlo kanye nezinye izilinganiso zobumfihlo nokuphepha ezifanele.
-
Ngenxa yezizathu zomthetho
Siyokwabelana ngemininingwane yomuntu nezinkampani, izinhlangano noma abantu abangaphandle kwaka-Google uma sikholwa ukuthi ukufinyelela, ukusetshenziswa, ukulondolozwa noma ukuvezwa kwemininingwane kuyadingeka:
- ukuthi kuhlangabezanwe nomthetho othize, umgomo noma inqubo yomthetho noma isicelo sikahulumeni esiphoqelekile.
- ukuthi kulandelwe Imibandela yendawo yokusebenze, okubandakanya ukuphenywa kokuphulwa komgomo okungenzeka.
- ukuhlonza, ukugwema noma ukubhekana nenkohlakalo ukuphepha noma into yezobuchwepheshe,
- ukuvikela ukulinyazwa kwamalungelo, impahla noma ukuphepha kuka-Google, abasebenzisi bethu noma umphakathi njengokudingwa umthetho.
Singase sabelane ngolwazi oluhlanganisiwe, olungahlonzi umuntu siqu esidlangalaleni futhi nakozakwethu bethu – njengabashicileli, abakhangisi noma amasayithi axhunyiwe. Ngokwesibonelo, singase sabelane ngolwazi esidlangalaleni ukuze sibonise amathrendi okusebenzisa okuvamile amasevisi wethu.
Uma u-Google ebandakanyeke ekubumbaneni, ukuthathwa noma ukudayiswa kwempahla, siyoqhubeka siqinisekisa ukuthi ubumfihlo banoma imiphi imininingwane yabantu buyagcinwa bese sinikeza abasebenzisi abathintekayo isaziso ngaphambili kokuthi imininingwane yabantu idluliswe noma ithinteke emgomeni wokuphepha owehlukile.
Ukuphepha kolwazi
Sisebenza kanzima ukuvikela u-Google kanye nabasebenzisi ezintweni ezifana nokufinyelela okungagunyaziwe kuya ekuguqulweni okungagunyaziwe, ukuvezwa noma ukoniwa kwemininingwane engakuthina. Ikakhulukazi:
- Sibhala ubumfihlo iningi lezinhlelo zethu sisebenzisa i-SSL.
- Sikunikeza ukuqinisekisa kwezinyathelo ezimbili Uma ufinyelela e-akhawuntini yakho yakwa-Google kanyeOkuqukethwe kokuphequlula okuphephileKu-Google Chrome
- Sihlola imininingwane yethu, izinqubo zokulondoloza nokusebenza, okubandakanya izindlela zokuphepha, ukunqanda ukufinyelela okungagunyaziwe ezinhlelweni.
- Sinqanda ukufinyelela emininingwaneni yabantu ezisebenzini zakwa-Google, abazinkontileka ama-ejenti adinga ukwazi leyo mininingwane ukuze basisebenzele yona, abaphinde babophezeleke ngaphansi esivumelwaneni sobumfihlo esiqinile abangajeziswa noma kunqanyulwe isivumelwane nabo uma behluleka ukulandela izimiso.
Uma le Nqubomgomo Yemfihlo insebenza
Imigomo yethu Yokuphepha isebenza kuzo zonke izinhlelo ezihlinzekwa inkampani yakwa-Google, kanye nebambisene nabo okubandakanya izinhlelo ezihlinzekwa kwamanye amasayithi (njengezinhlelo zethu zokukhangisa), kodwa kungafaki izinhlelo ezinemigomo yokuphepha ehlukanisiwe engawufaki Lomgomo Wobumfihlo.
Umgomo wethu wobumfihlo awusebenzi ezinhlelweni ezihlinzekwa ezinye izinkampani noma abantu, okubandakanya imikhiqizo noma amasayithi angavezwa kuwena njengemiphumela yokucinga, amasayithi angabandakanya izinhlelo zakwa-Google, noma amanye amasayithi ahlobene nathi ngenxa yezinhlelo zethu. Umgomo wethu wobumfihlo awubhekene nezinqubo zemininingwane yezinye izinkampani noma izinhlangano ezikhangisa izinhlelo zethu nokungenzeka zisebenzise ama-cookies, ama-pixel tags kanye nobunye ubuchwepheshe ukuhlinzeka izikhangiso ezifanele.
Ukuhambisana nokubambisana neziphathimandla zokulawula
Sijwayele ukuhlola ukulandelwa Komgomo wethu Wobumfihlo. Siphinde sihambisane nemihlahlandlela yokuzilawula embalwa Uma sithola izikhalazo ezibhalwe phansi, siyoxhumana nomuntu owenze isikhalazo ukuze silandele udaba lwakhe. Sisebenzisana neziphathimandla zokulawula ezifanele, okubandakanya iziphathimandla zendawo ezivikela imininingwane, ukuxazulula izikhalazo ezimayelana nokudluliswa kwemininingwane esingakwazi ukuthi sizixazulule ngqo nabasebenzisi bethu.
Izinguquko
Umgomo wethu Wobumfihlo ungaguquka ngokuhamba kwesikhathi. Ngeke sinciphise amalungelo akho ngaphansi Komgomo Wobumfihlo ngale kokuthola imvume yakho ecacile. Siyoposa nanoma iziphi izinguquko zomgomo wobumfihlo kuleli khasi. Uma izinguquko zinkulu, siyofaka isaziso esicace kakhulu (okubandakanya izaziso ze-imeyilizezinguquko zomgomo wobumfihlo) kwezinye izinhlelo. Siyophinde futhi sigcine izinhlobo zangaphambilini Zalomgomo Wobumfihlo ezintweni zethu ezilondoloziwe ukuthi ukwazi ukuwubona kabusha.ndo ukubuyekeza.
Izinqubo eziqondene nomkhiqizo
Lezi zaziso ezilandelayo zichaza ngezinqubo zobumfihlo ezithize mayelana nemikhiqizo ye-Google kanye nezinhlelo ongazisebenzisa:
Eminye imisebenzi elusizo ehlobene nemfihlo nokuvikela
Eminye imisebenzi elusizo ephathelene nobumfihlo nokuvikeleka ingatholakala emakhasini weznqubomgomo nemithetho ye-Google, kuhlanganisa:
- Ulwazi mayelana nobubuchwepheshe kanye nemithetho yethu, bandakanya, phakathi kwezinye izinto, ulwazi olubanzi ku
- indlela i-Google isebenzisa ngayo amakhukhi.
- ubuchwepheshe esibusebenzisayo kwezokhukhangisa.
- indlela esibona ngayo amaphethini afana ubuso.
- Ikhasi elichaza ukuthi iyiphi idatha eyabiwa ne-Google uma uvakashela amawebhusayithi asebenzisa ezokukhangisa zethu, i-analytics nemikhiqizo yenhlalo.
- Isikhungo sokuphepha se-Google, esinikela ngolwazi lokuthi ungahlala kanjani uphephile futhi ivikelekile ku-intanethi.
"ukufinyelela kulwazi lakho lomuntu siqu"
Isibonelo, nge-Ideshibhodi ye-Google ungashesha futhi ubone kalula enye idatha ephathelene ne-akhawunti yakho ye-Google. Funda kabanzi.
"izikhangiso ozithola ziwusizo kakhulu"
Isibonelo, uma ujwayele uvakashela amawebhusayithi kanye namabhulogi mayelana nengadi, ungase ubone izikhangiso ezihlobene nengadi njengoba upheqa iwebhu. Funda kabanzi.
"amasevisi wokukhangisa"
Isibonelo, uma ujwayele uvakashela amawebhusayithi kanye namabhulogi mayelana nengadi, ungase uqale ukubona izikhangiso ezihlobene nale ntshisekelo njengoba upheqa iwebhu. Funda kabanzi.
"qoqa ulwazi"
Lokhu kuhlanganisa ulwazi olufana nokusetshenziswa kwedatha yakho nezintandokazi, imilayezo ye-Gmail, iphrofayela ye-G+ izithombe, amavidiyo, umlando wokupheqa, usesho lwemephu, amadokhumenti, noma okunye okuqukethwe okusingathwe yi-Google. Funda kabanzi.
"hlanganisa ulwazi lomuntu siqu kusuka kusevisi eyodwa enolwazi, kufaka phakathi ulwazi lomuntu siqu, kusuka kwamanye amasevisi we-Google"
Isibonelo, uma ungene ngemvume ku-akhawunti yakho ye-Google futhi usesha ku-Google, ungabona imiphumela yosesho kusuka kuwebhu esesidlangalaleni, kanye namakhasi, izithombe, nokuthunyelwe kwe-Google+ kusuka kubangani bakho kanye nabantu obaziyo noma obalandelayo ku-Google+ bangase babone okuthunyelwe kwakho nephrofayela emiphumeleni yabo. Funda kabanzi.
"xhumana nabantu"
Isibonelo, ungase uthole iziphakamiso zabantu ongase ubazi noma ofuna ukuxhumana nabo ku-Google+, ngokususela kothintana nabo onabo kweminye imikhiqizo ye-Google, njenge-Gmail kanye nabantu othintana nabo bangabona iphrofayela njengesiphakamiso. Funda kabanzi.
"ikhadi lesikweletu"
Nakuba thina njengamanje singaceli ikhadi lesikweletu ngesikhathi ubhalisa, ukuqinisekisa iminyaka yakho ngomsebenzi omncane wekhadi lesikweletu ngenye indlela yokuqinisekisa ukuthi uyahlangabezana nezimfuneko zethu zeminyaka yobudala esimeni lapho i-akhawunti yakho ikhutshaziwe ngemva kokufaka usuku lokuzalwa elikhombisa ukuthi awumdala ngokwanele ukuthi ube ne-akhawunti ye-Google. Funda kabanzi.
"qala ezintsha"
Isibonelo, isofthiwe yokuhlola ukupela ye-Google yaqanjwa ngokuhlaziya usesho lwangaphambilini lapha abasebenzisi balungise khona ukupela kwabo. Funda kabanzi.
"izihlonzi zedivayisi"
Izihlozi zedivayisi zazisa i-Google ukuthi iyiphi idivayisi ehlukile oyisebenzisayo ukufinyelela amasevisi wethu, engasetshenziswa ukwenza ngezifiso isevisi yethu kudivayisi yakho noma ukuhlaziya noma yiziphi izinkinga zedivayisi eziphathelene namasevisi wethu. Funda kabanzi.
"ulwazi oluqondene nedivayisi"
Isibonelo, uma uvakashela i-Google Play kusuka kudeskithophu yakho, i-Google ingasebenzisa lolu lwazi ukukusiza ukunquma ukuthi imaphi amadivayisi ongathanda ukuthi ukuthenga kwakho kutholakale khona ukuze kusetshenziswe. Funda kabanzi.
"thuthukisa isipiliyoni sakho somsebenzisi"
Isibonelo, amakhukhi asivumela ukuthi sihlaziye ukuthi abasebenzisi baxhumana kanjani namasevisi wethu. Funda kabanzi.
"inqubo yezomthetho noma isicelo sikahulumeni esiphoqelelayo"
Njengezinye izinkampani zobuchwepheshe kanye nezokuxhumana, i-Google njalo ithola izicelo ezivela kuhulumeni nezinkantolo emhlabeni wonke ukuze inikeze ngedatha yomsebenzisi. Funda kabanzi.
"kungenzeka siqoqe futhi sicubungule ulwazi mayelana nendawo yakho uqobo"
Isibonelo, i-Google Amamephu ingabeka phakathi ukubukwa kwamamephu endaweni yakho yamanje. Funda kabanzi.
"kungenzeka ingasebenzi kahle"
Isibonelo, sisebenzisa ikhukhi elibizwa ngokuthi i-'lbcs' elenza kwazeke ukuhti ukwazi ukuvula i-Google Amadokhumenti kusiphequluli esisodwa. Funda kabanzi.
"inombolo yegoni"
Isibonelo, uma ungeza inomgolo yefoni njengenketho yokutakula, uma ukhohlwa iphasiwedi yakho i-Google ingakwazi ukukuthumela umlayezo wombhalo onekhodi ukukuvumela ukuthi uyisethe kabusha. Funda kabanzi.
"vikela i-Google kanye nabasebenzisi bethu '
Isibonelo, uma ukhathazekile ngokufinyelela okungagunyaziwe kuya ku-imeyili yakho, "Umsebenzi we-akhawunti wokugcina" ku-Gmail ukukhombisa ulwazi olumayelana nomsebenzi wakamuva ku-imeyili yakho, njengekheli le-IP elifinyelele i-imeyili yakho, indawo ehambisanayo, kanye nesikhathi nedethi Funda kabanzi.
"ukwabelana"
Isibonelo, nge-Google+, unezinketho eziningi zokwabelana ezahlukahlukene. Funda kabanzi.
"ukwabelana nabantu ngokushesha nakalula"
Isibonelo, uma umuntu usevele ungoxhumana naye, i-Google izoqedela ngokuzenzakalelayo igama lakhe uma ufuna ukumengeza kumlayo ku-Gmail. Funda kabanzi.
"abantu ababaluleke kakhulu kuwena ku-intanethi"
Isibonelo, uma wena uthayipha ikheli enkambini ye-To, Cc noma ku-Bcc yomlayezo owudalayo, i-Gmail izophakamisa amakheli kusuka kuhlu lothintana nabo. Funda kabanzi.
"ukwenza kubelula ukwabelana ngezinti nabantu obaziyo"
Isibonelo, uma uke wakhuluma nothile nge-Gmail futhi ufuna ukumengeza ku-Google Amadokhumenti noma umcimbi ku-Google Ikhalenda, i-Google yenza kubelula ukwenza kanjalo ngokuqedela ngokuzenzakalela ikheli lakhe le-imeyili uma uqala ukuthayipha igama lakhe. Funda kabanzi.
"buka bese uxhumane nezikhangiso zethu"
Isibonelo, njalo sibika kubakhangisi ukuthi noma sisebenzise izikhangiso zabo ekhasini nokuthi uma ngabe leso sikhangiso sasingase sibonwe abanye abasebenzisi (njengoba kuqhathaniswa, isibonelo, ukuba yingxenye yekhasi lapho abasebenzisi bazange bapheqela khona). Funda kabanzi.
"kungenzeka sabelane ngokuhlanganisiwe, ulwazi olungabonakali lomuntu siqu esidlangalaleni"
Uma abantu abaningi baqala ukusesha okuthile, ingabanikezela ngolwazi olusizayo mayelana namathrendi athile ngaleso sikhathi. Funda kabanzi.
"imiphumela yosesho ehlobene kakhulu"
Isibonelo, singenza usesho luhlobane kakhulu futhi luthandeke kuwe ngokufaka izithombe, nokuningi okuvela kuwe nabangani bakho.
"ukususa okuqukethwe kwakho"
Isibonelo, ungasusa Umlando wewebhu, ibhulogi lakho, i-Google Site okungeyakho, Isiteshi sakho se-YouTube, iphrofayela yakho ye-Google+ noma yonke i-akhawunti yakho ye-Google.
"ukubonisa amathrendi"
Ungabona okunye kwalokhu ku-Google Amathrendi naku-Amathrendi we-YouTube.