Imigomo Yesevisi Ye-Google Drayivu

Kugcine ukulungiswa ngo-December 10, 2018 Idethi Yokusebenza Kahle: Januwari 22, 2019

1. Isingeniso

Siyabonga ngokusebenzisa i-Google Drayivu. I-Google Drayivu isiyisevisi ehlinzekwa yi-Google LLC (“I-Google”, “thina” noma “yithina”), etholakala ku-1600 Amphitheatre Parkway, Mountain View California 94043, USA. Uma uhlala ku-European Economic Area noma e-Switzerland, I-Google Drayivu ihlinzekwa yi-Google Ireland Limited (“I-Google”, “thina” noma “yithina”), inkampani efakwe futhi esebenza ngaphansi kwemithetho yase-Ireland (Inombolo Ebhalisiwe: 368047), futhi etholakala kokuthi Gordon House, Barrow Street, Dublin 4, Ireland. Le Migomo Yesevisi ye-Google Drayivu (esibhekisela kuyo ngokuthi “Imigomo”) ikhava ukusebenzisa kwakho nokufinyelela ku-Google Drayivu kanye nokuqukethwe kwakho ku-Google Drayivu. Inqubomgomo yethu Yobumfihlo ichaza indlela esiqoqa futhi sisebenzise ngayo ulwazi lwakho kuyilapho Izinqubomgomo zethu Zohlelo zichaza izibopho zakho ngenkathi usebenzisa Isevisi yethu.

Ukusebenzisa kwakho i-Google Drayivu kudinga ukuthi uvume Imigomo. Sicela uyifunde ngokucophelela. Uma ungayiqondi Imigomo, noma ungayamukeli noma iyiphi ingxenye yayo, akufanele usebenzise i-Google Drayivu.

2. Ukusebenzisa kwakho i-Google Drayivu

Imikhawulo Yobudala. Ukuze usebenzise i-Google Drayivu kumelwe ube neminyaka yobudala engu-13 noma ngaphezulu. Uma uneminyaka yobudala engu-13 noma ngaphezulu kodwa ungaphansi kweminyaka engu-18, kumelwe ube nemvume yomzali wakho noma umnakekeli osemthethweni ukuze usebenzise i-Google Drayivu futhi wamukele Imigomo.

Ukusebenzisa Komuntu Siqu. Ngokwamukela le migomo, uyavuma ukungasebenzisi i-Google Drayivu ngezinjongo zebhizinisi; kumelwe usebenzise isevisi yeDrayivu ngezinjongo zomuntu siqu ezingezona ezentengiselwano. Sincoma ukuthi amabhizinisi asebenzise I-GSuite.

I-akhawunti Yakho Ye-Google. Uzodinga I-akhawunti Ye-Google ukuze usebenzise i-Google Drayivu. Ukuze uvikele I-akhawunti yakho Ye-Google, gcina iphasiwedi yakho iyimfihlo. Unesibopho somsebenzi owenzeka ku-Akhawunti yakho Ye-Google noma nge-Akhawunti Ye-Google. Zama ukungasebenzisi iphasiwedi yakho Ye-akhawunti Ye-Google ezinhlelweni zokusebenza zenkampani yangaphandle. Uma ufunda nganoma yikuphi ukusetshenziswa okungagunyaziwe kwephasiwedi yakho noma I-akhawunti Ye-Google, landela lezi ziyalezo.

Indlela Yokuziphatha. Ungayisebenzisi kabi i-Google Drayivu. Ungase usebenzise i-Google Drayivu kuphela njengoba kuvunyelwe umthetho, okuhlanganisa okuthunyelwayo okusebenzayo kanye nokuthunyelwa kabusha kwemithetho yokulawula nokuqondisa. Unesibopho ngokuphathelene nendlela oziphatha ngayo nokuqukethwe kwakho okugcinwe ku-Google Drayivu, futhi kumelwe uhambisane Nezinqubomgomo zethu Zohlelo. Singase sibuyekeze indlela yakho yokuziphatha nokuqukethwe ku-Google Drayivu ukuze sibone ukuthi iyahambisana yini Nemigomo kanye Nezinqubomgomo zethu Zohlelo.

I-Google Drayivu itholakala kumadivayisi eselula. Ungayisebenzisi i-Google Drayivu ngendlela ekuphazamisayo noma ekunqanda ukuthi ulalele imithetho yomgwaqo noma imithetho yezokuphepha.

Okuqukethwe Kwakho. I-Google Drayivu ikuvumela ukuthi ulayishe, uthumele, ugcine, uthumele futhi wamukele okuqukethwe. Ugcina ubunikazi banoma yimaphi amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula owagcine kulokho okuqukethwe. Ngamafuphi, okungokwakho kuhlala kungokwakho.

Lapho ulayisha, uthumela, ugcina, uthumela noma wamukela okuqukethwe ku-Google Drayivu noma ngayo, unikeza i-Google ilayisensi esebenza emhlabeni wonke yokusebenzisa, isingathe, igcine, ikhiqize kabusha, ilungise, idale imisebenzi esekelwe kokunye (njengaleyo evela ngenxa yokuhumusha, okusekelwe kokunye noma ezinye izinguquko esizenzayo ukuze okuqukethwe kwakho kusebenze kangcono nesevisi yethu), idlulise, ishicilele, yenze esidlangalaleni, ibonise esidlangalaleni futhi isabalalise okuqukethwe okunjalo. Amalungelo owanikezayo kule layisensi awenjongo elinganiselwe yokusebenzisa, ukuphromotha, nokuthuthukisa amasevisi ethu, kanye nokwenza amasha. Le layisensi iyaqhubeka ngisho noma uyeka ukusebenzisa amasevisi ethu ngaphandle kwalapho ususa okuqukethwe kwakho. Enza isiqiniseko sokuthi unawo amalungelo adingekile ukuze usinikeze le layisensi nganoma yikuphi okuqukethwe okuthumela ku-Google Drayivu.

Ukwabelana ngezilungiselelo ku-Google Drayivu kukuvumela ukuthi ulawule lokho abanye abangase bakwenze ngokuqukethwe kwakho ku-Google Drayivu. Ngokuzenzakalelahyo umiswe njengomlawuli wakho konke okuqukethwe okudalayo noma ukulayishe ku-Google Drayivu. Ungakwazi ukwabelana ngokuqukethwe kwakho futhi udlulise ukulawula kokuqukethwe kwakho kwabanye abasebenzisi.

Amasistimu ethu azenzakalelayo ahlaziya okuqukethwe kwakho ukuze akunikeze izici zomkhiqizo ezibalulekile kumuntu siqu, njengemiphumela yosesho eyenziwe ngokwezifiso, kanye nokutholwa kogaxekile nemaliwe. Lokhu kuhlaziya kwenzeka njengoba okuqukethwe kwamukelwa, kwabelwa, kulayishwa futhi nalapho kugcinwa. Ungathola ulwazi olwengeziwe mayelana nendlela i-Google esebenzisa ngayo futhi igcine okuqukethwe kokuthi Inqubomgomo Yobumfihlo. Uma uthumela impendulo noma iziphakamiso mayelana ne-Google Drayivu, singase sisebenzise impendulo yakho noma iziphakamiso ngaphandle kwesibopho kuwena.

Izaziso. Ngokuphathelene nokusebenzisa kwakho i-Google Drayivu, singase sikuthumele izaziso zesevisi, imilayezo yokulawula, nolunye ulwazi. Ungase ukhethe ukungakutholi okunye kwalokho kuxhumana.

Amasevisi ethu e-Google Drayivu. Ukusebenzisa i-Google Drayivu akukunikezi noma yibuphi ubunikazi bamalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula ku-Google Drayivu noma okuqukethwe okufinyelelayo. Ungase ungakusebenzisi okuqukethwe okusuka ku-Google Drayivu ngaphandle kwalapho uthola imvume kumnikazi wayo noma uma uvunyelwe ngokomthetho. Le migomo ayikunikezi ilungelo lokusebenzisa noma yikuphi ukubhrenda noma amalogo asetshenziswa ku-Google Drayivu. Ungakhiphi, ufihle, noma ushintshe noma yiziphi izaziso ezingokomthetho eziboniswe ku-Google Drayivu noma kanye ne-Google Drayivu.

3. Ukuvikelwa Kobumfihlo

Inqubomgomo Yobumfihlo Ye-Google ichaza indlela esiphatha ngayo idatha yakho yomuntu siqu futhi sivikele ubumfihlo bakho lapho usebenzisa i-Google Drayivu. Ngokusebenzisa i-Google Drayivu, uvuma ukuthi i-Google ingakwazi ukusebenzisa idatha enjalo ngokuvumelana nezinqubomgomo zethu zobumfihlo.

4. Ukuvikelwa Kwe-copyright

Siyaphendula uma sithola izaziso zokwephulwa kwelungelo lokukophisha okusolekayo bese sivala ama-akhawunti kwalabo abakuphindayo ukuphulwa komgomo njengokubekiwe Emthethweni i-U.S. Digital Millennium Copyright Act.

Sihlinzeka ngolwazi lokusiza abanikazi be-copyright balawule impahla yobunikazi ku-inthanethi. Uma ucabanga ukuthi othile wephula ama-copyright akho futhi ufuna ukusazisa, ungathola ulwazi mayelana nokuthumela izaziso kanye nenqubomgomo ye-Google emayelana nokuphendula izaziso Esikhungweni sethu Sosizo.

5. Izinqubomgomo Zohlelo

Singase sibuyekeze okuqukethwe ukuze sinqume ukuthi akukho yini emthethweni noma akwephuli yini Izinqubomgomo Zohlelo, futhi singase sikhiphe noma sinqabe ukubonisa okuqukethwe esikholelwa ngokunengqondo ukuthi kwephula izinqubomgomo zethu noma umthetho. Kodwa lokho akusho ukuthi sibuyekeza okuqukethwe, ngakho sicela ungacabangi ukuthi senza kanjalo.

6. Mayelana Nesofthiwe Kumasevisi ethu

Isofthiwe Yeklayenti. I-Google Drive ifaka isofthiwe yeklayenti ekwazi ukulandeka (“Isofthiwe”). Le Softhiwe ingase ibuyekeze ngokuzenzakalelayo kudivayisi yakho uma inguqulo entsha noma isici sesitholakala. I-Google ikunikeza ilayisensi yomuntu siqu, yomhlaba wonke, engenawo amaroyalithi, enganikezeki nengeyona ekhethekile yokusebenzisa Isofthiwe oyinikezwe i-Google njengengxenye ye-Google Drayivu. Le layisensi inenjongo eyodwa yokukunikeza amandla okuthi usebenzise futhi ujabulele inzuzo ye-Google Drayivu njengoba inikezwa i-Google, ngendlela evunyelwa yile Migomo. Ngeke ukwazi ukukopisha, ukulungisa, usabalalise, udayise, noma ubolekise nganoma iyiphi ingxenye ye-Google Drayivu noma isofthiwe efakiwe, noma uzame ukuthola ukuthi yakhiwe kanjani ngokuthi uyiqaqe futhi uyakhe kabusha noma uzame ukuthola ikhodi ewumthombo yaleyo softhiwe, ngaphandle uma imithetho iyinqanda leyo mkhawulo noma unemvume yethu ebhaliwe.

Isofthiwe yomthombo ovulekile. Isofthiwe yomthombo ovulekile ibalulekile kithina. Enye isofthiwe esetshenziswa ku-Google Drayivu ingase inikezwe ngaphansi kwelayisensi yomthombo ovulekile esizoyenza itholakale kuwena. Kungase kube khona amalungiselelo kulayisensi yomthombo ovulekile aphikisa ngokucacile eminye yale Migomo.

7. Ukulungisa Nokunqamula i-Google Drayivu

Izinguquko ku-Google Drayivu. Sihlezi sishintsha futhi sithuthukisa i-Google Drayivu. Singase senze ukuthuthukiswa kokusebenza noma kokuvikeleka, sishintshe ukusebenza noma izici, noma senze izinguquko ukuze sithobele umthetho noma sinqande imisebenzi engekho emthethweni kumasistimu ethu, noma ukuxhashazwa kwawo. Ungabhalisa ukuze uthole ulwazi mayelana ne-Google Drayivu lapha. Sizonikeza isaziso sezinguquko zezinto ze-Google Drayivu esikholelwa ngokunengqondo ukuthi zizoba nomthelela ekusebenziseni kwakho i-Google Drayivu. Nokho, zikhona izikhathi lapho okuzodingeka ukuthi senze khona izinguquko ku-Google Drayivu ngaphandle kokunikeza isaziso. Lezi zizolinganiselwa ezikhathini lapho okudingeka sithathe isinyathelo ukuze siqinisekise ukuvikeleka kanye nokusebenziseka kwesevisi, sinqande ukuxhashazwa noma lapho okudingeka sithathe isinyathelo khona ukuze sihlangabezane nezimfuneko zezomthetho.

Ukumiswa Nokunqanyulwa. Ungayeka ukusebenzisa i-Google Drayivu nganoma yisiphi isikhathi, nakuba sizodabuka ngokukubona uhamba. Singase simise noma sikhubaze unomphela ukufinyelela kwakho kwe-Google Drayivu uma wephula kakhulu noma ngokuphindelelayo Imigomo yethu noma Izinqubomgomo Zohlelo. Sizokunikeza isaziso kusengaphambili sokumisa kwethu noma sokukhubaza ukufinyelela kwakho ku-Google Drayivu. Nokho, singase simise noma sikhubaze ukufinyelela kwakho kwe-Google Drayivu ngaphandle kwesaziso uma usebenzisa i-Google Drayivu ngendlela engase isibangele isibopho esingokomthetho noma iphazamise ikhono labanye abasebenzisi lokufinyelela futhi basebenzise i-Google Drayivu.

Ukunqanyulwa kwe-Google Drayivu. Uma sinquma ukunqamula i-Google Drayivu, sizokunikeza isaziso salokhu kusasele izinsuku ezingu-60. Phakathi nale nkathi yesaziso, uzoba nethuba lokhukhipha amafayela akho ngaphandle kwe-Google Drayivu. Ngemva kokuphela kwenkathi yezinsuku ezingu-60 ngeke usakwazi ukufinyelela amafayela akho. Sikholelwa ukuthi ungumnikazi wamafayela akho nokuthi ukugcina ukufinyelela okunjalo kumafayela anjalo kubalulekile. Ukuze uthole iziyalezo zendlela yokulanda amafayela akho, sicela uvakashele ikhasi lokusekela.

8. Ukuthenga Isitoreji Esengeziwe Nenkokhelo

Isitoreji Samahhala. I-Google ikuvumela ukuthi usebenzise u-15 GB wesitoreji se-inthanethi ye-Google mahhala (kungaphansi kokuhambisana kwakho Nemigomo), esingase sisetshenziswe ne-Google Drayivu, i-Gmail Nezithombe ze-Google.

Ukuthengwa Kwesitoreji Esengeziwe. Ungakwazi futhi ukuthenga isitoreji esengeziwe (“Uhlelo Lwesitoreji Esikhokhelwe”) ngesidingo sakho. Sizokukhokhisa ngokuzenzakalelayo kusukela ngedethi oguqulela ngayo Kuhlelo Lwesitoreji Esikhokhelwe kanye nangenkathi ngayinye yovuselela yesevisi kuze kube ukukhansela. Ukuze uthenge Uhlelo Lwesitoreji Esikhokhelwe, kumelwe uvume imigomo yokukhokha njengoba ishiwo Imigomo Yesevisi ye-Google Payments. Uma ungenayo i-akhawunti ye-Google Payment, ungakwazi ukuyimisa ngokuya kulesi sixhumanisi, lapho ongaphinde uthole khona ulwazi olwengeziwe mayelana ne-Google Payments. Imigomo Yesevisi Yokukhokha kanye Nesaziso Sobumfihlo naso siyasebenza noma nini lapho ufuna ukuthenga Uhlelo Lwesitoreji Esikhokhelwe usebenzisa i-akhawunti ye-Google Payments. Sicela wenze isiqiniseko sokuthi ufunda leyo migomo ngokucophelela ngaphambi kokuthi wenze noma yikuphi ukuthenga.

Ukukhansela. Uhlelo lwakho Lwesitoreji Esikhokhelwe luzohlala lusebenza kuze kube yilapho selukhanseliwe, selwehliselwe phansi noma selunqanyuliwe ngaphansi kwale Migomo. Ungase ukhansele noma wehlisele phansi Uhlelo lwakho Lwesitoreji Esikhokhelwe nganoma yisiphi isikhathi ngaphakathi kwezilungiselelo zakho zesitoreji se-Google Drayivu. Ukukhansela noma ukwehlisela phansi kwakho kuzosebenza enkathini yokukhokha elandelayo ngemva kokuthi inkathi yesevisi yamanje isiphelelwe isikhathi. Uma ungalukhokheli ngesikhathi Uhlelo lwakho Lwesitoreji Esikhokhelwe, sigodle ilungelo lokwehlisela phansi i-akhawunti yakho bese sinciphisa isitoreji sakho ukuze sikhulule amaleveli esikhala. Sichaza incazelo kanye nenqubo yokubuyiselwa imali Yohlelo lwakho Lwesitoreji Esikhokhelwe kokuthi Ukuthenga, Ukukhansela kanye Nenqubomgomo Yokubuyiselwa Imali.

Izinguquko Zohlelo Namanani. Singase sishintshe uhlelo nenani lwesitoreji esisebenzayo kodwa sizokwazisa kusengaphambili ngalezi zinguquko. Lezi zinguquko zizosebenza ngemva kokuthi inkathi yakho yamanje yesevisi isiphelelwe isikhathi, ngenkathi kudingeka inkokhelo elandelayo kuwena ngemva kwesaziso. Sizokunikeza isaziso okungenani kusasele izinsuku ezingu-30 ngaphambi kokunyuka kwenani noma ukuncipha kohlelo lwesitoreji ngaphambi kokuthi ukhokhiswe. Uma unikezwe isaziso sangaphambilini esingaphansi kwezinsuku ezingu-30, ushintsho ngeke lusebenze kuze kube yilapho sekufuneka inkokhelo elandela elandelayo. Uma ungafisi ukuqhubeka nohlelo lwesitoreji noma inani elibuyekeziwe, ungase ukhansele noma wehlisele phansi Uhlelo lwakho Lwesitoreji Esikhokhiwe nganoma yisiphi isikhathi ngaphakathi kwezilungiselelo zakho zesitoreji se-Google Drayivu. Ukukhansela noma ukwehlisela kwakho phansi kuzosebenza enkathini yokukhokha elandelayo ngemva kwenkathi yesevisi yamanje; sizoqhubeka nokwenza amafayela akho atholakale kuwena noma sikunikeze ithuba lokuba ukhiphe amafayela akho ku-Google Drayivu.

9. Amawaranti Ethu kanye Nemishwana Yokuzikhipha Emthwalweni

Sihlinzeka nge-Google Drayivu sisebenzisa izinga eliphusile lekhono nokunakekela futhi sithemba ukuthi uzokujabulela ukusebenzisa i-Google Drayivu. Kodwa kukhona izinto ezithile esingazithembisi nge-Google Drayivu. Ngaphandle kwalokho osekushiwo, asenzi noma yiziphi izibopho mayelana nokusebenza okuthile okutholakala nge-Google Drayivu, ukwethenjelwa kwayo, ukutholakala, noma ikhono layo lokuhlangabezana nezidingo zakho.

10. Isibopho se-Google Drayivu

I-Google kanye nabanikezeli bayo kanye nabasabalalisi abanawo umthwalo noma isibopho sezomthetho sokuthi:

(a) ukulahlekelwa okungazange kubangelwe ukwephula kwethu le Migomo;

(b) noma yikuphi ukulahlekelwa noma umonakalo ongazange, ngesikhathi kwakhiwa inkontileka efanele nawe, ube umphumela obikezelekayo ngokunengqondo wokwephula kwe-Google Imigomo; noma

(c) ukulahlekelwa okuhlobene nanoma yiliphi ibhizinisi lakho okuhlanganisa izinzuzo ezilahlekile, imali engenayo, ithuba noma idatha.

Ingqikithi yesibopho sezomthetho se-Google, kanye nabanikezeli bayo nabasabalalisi, nganoma yiziphi izimangalo ngaphansi kwale migomo, okuhlanganisa nanoma yiziphi iziqinisekiso ezicatshangelwe, inomkhawulo wenani olikhokhile kithi ukuze usebenzise amasevisi (noma, uma isihloko sesimangalo kuyisevisi yamahhala, kube ukuhlinzekwa ngamasevisi futhi).

Ayikho into kule migomo ehloselwe ukukhipha noma ukukhawula isibopho sezomthetho se-Google kanye nabanikezeli bayo kanye nabasabalalisi ngokufa noma ukulimala komuntu siqu, ukukhwabanisa, ukumelela ngokungeyikho ngendlela ekhwabanisayo nanoma yisiphi isibopho esingokomthetho esingeke sikwazi ukunganakwa ngokomthetho.

11. Imithetho Ebusa Imigomo.

Uma uhlala ngaphandle kwe-European Economic Area noma e-Switzerland, imithetho yase-California, U.S.A., okungabandakanyi izimiso zemithetho yezingxabano yase-California, izosebenza kunoma yiziphi izingxabano ezibangelwa noma ezihlobene nale Migomo noma i-Google Drayivu. Zonke izimangalo ezivela kusukela noma ezihlobene nale Migomo noma i-Google Drayivu zizobangwa ngokukhethekile kuzinkantolo zesifundazwe noma zesifunda sase-Santa Clara County, California, USA, futhi wena ne-Google nivumelana nendawo ethile yomuntu siqu ekulezo zinkantolo.

Uma uhlala ku-European Economic Area noma e-Switzerland, imithetho nezinkantolo zezwe lakho lokuhlala izosebenza kunoma yiziphi izingxabano ezivelayo noma ezihlobene nale Migomo noma i-Google Drayivu futhi ungakwazi ukuletha izinqubo ezingokomthetho ezinkantolo zakho zendawo. Izingxabano zingase zithunyelwe ukuze zixazululwe ku-inthanethi kuplathifomu ye-European Commission Online Dispute Resolution.

12. Mayelana nale Migomo

Singase silungise le Migomo nanoma yimiphi imigomo eyengeziwe esebenza ku-Google Drayivu, ngokwesibonelo: ukuze ubonise izinguquko ku-Google Drayivu noma kumthetho, isiko, noma inqubomgomo yezepolitiki noma yezomnotho; noma ukusabela kumihlahlandlela ekhishwa abalawuli noma izindinkimba zezimboni ezifanele; noma ukuvumela i-Google ukuthi ihlangabezane nezibopho zayo. Kufanele ubuke Imigomo njalo. Sizothumela izaziso zokulungiswa kwale Migomo kuleli khasi. Sizothumela isaziso semigomo eyengeziwe elungisiwe (“Imigomo Eyengeziwe”) ku-Google Drayivu futhi sizokunikeza isaziso sangaphambilini soshintsho lwezinto Zemigomo. Izinguquko ngeke zisebenze esikhathini esidlule futhi zizosebenza zingakadluli izinsuku ezingu-14 ngemva kokuthi zithunyelwe noma wazisiwe ngazo. Nokho, izinguquko ezisingatha ukusebenza okusha noma izici (“Amasevisi Amasha”) noma izinguquko ezenziwe ngenxa yezizathu zezomthetho zizosebenza ngokushesha. Uma ungavumelani nemigomo elungisiwe Yesevisi Entsha, kufanele uyeke ukusebenzisa leyo Sevisi Entsha (bona okuthi “Ukunqanyulwa” ngenhla, ukuze uthole ulwazi olwengeziwe).

Uma kunokushayisana kule Mibandela kanye Nemibandela Eyengeziwe, Imibandela Eyengeziwe iyolawula lokho kushayisana.

Le Migomo ilawula ubudlelwano phakathi kwe-Google kanye nawe. Awadali noma yimaphi amalungelo ezindlalifa enkampani yangaphandle.

Uma ungahambisani nale Mibandela, futhi nathi kungabi bikho esikwenzayo ngokushesha, lokho akuchazi ukuthi sidela noma imaphi amalungelo esingaba nawo (njengokuthatha izinyathelo esikhathini esizayo).

Uma kwenzeka ukuthi umbandela othile awusebenziseki, lokhu ngeke kube nomthelela kweminya imibandela.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nendlela yokuthinta i-Google, sicela uvakashele ikhasi lethu lokuxhumana.